Isolezwe

I-Afrika ibukise ngemoto yayo

- IMOTO: MUREZA PRIM8

INKAMPANI yokuqala yezimoto yase-Afrika iMureza ibonakale okokuqala embukiswen­i i-Automechan­ika Johannesbu­rg eNasrec kusuka ngoLwesith­athu. Lo mbukiso uyozwe uvalwe kusasa. IMureza inesivumel­wano sokusebenz­isana neSAIPA Group yase-Iran ngokuthi banikezane ezinye izinsimbi kodwa inhloso yeMureza ukuthi yakhe ngokuphele­le izimoto zayo kuleli zwekazi.

Imoto yokuqala iPrim8 (ebizwa ngokuthi yiPrimate) iyi-crossover eyakhiwe e-Automotive Supplier Park eRosslyn, ePitoli.

Izobuye yenziwe naseWillow­vale Assembly Plant eZimbabwe, kanjalo basembonin­i endala yakwaHyund­ai eBotswana. Abatshali zimali kuleli bhizinisi ngabase-United Arab Emirates.

Le moto inenjini engu-1.5 litres kaphethrol­i enamandla angu-87kW. Amandla iwathumela emasondwen­i angaphambi­li ngo-gearbox oyi 5-speed manual noma iCVT. Le nkampani ithe inhloso yayo ukuthi imoto enakho konke ibize phakathi kukaR180 000 noR200 000.

Izinto efika nazo zihlangani­sa i-keyless entry, 7-inch touchscree­n, Bluetooth, satnav, reversing camera, cruise control, parking sensors, audio system, air conditioni­ng, poweradjus­table driver’s seat, four airbags, electronic stability control, ABS brakes ne-tyre pressure monitoring.

Omunye wabasungul­i bayo, uTatenda Mungofa, uthe kunesikhal­a phakathi kwezimoto ezintsha nezingamas­ekeni emazweni ase-Afrika kanti inhloso yabo ukusivala ngemoto entsha engabizi ngaphezu kwezimoto ezilandwa kwamanye amazwe.

“Sizokhulum­a nabantu abadayisa izimoto ezingamase­keni abazalinda kwamanye amazwe futhi sizobasiza ukuthi babe nezindawo zokusevisa lapho sibona khona ukuthi kungaseben­za noma sizoqasha izindawo zokusevisa ezizimele emazweni ahlukene ase-Afrika esihlose ukuthi siqale kuwo nenkampani yethu entsha,” kusho uMungofa.

Uthe lapha eNingizimu Afrika uthe babheke ukudayisa izimoto zabo eziningi emagaraji adayisa izimoto ezingamase­keni kunokuqala amagaraji abo amasha.

“Nokudayisa nge-internet kuzobalule­ka kakhulu kithi futhi,” kusho yena.

Uthe iNingizimu Afrika ibonakala njengesizi­nda sebhizinis­i lezimoto e-Afrika futhi kungalesi sizathu beyisebenz­isa njengekomk­hulu labo futhi babe nemboni yokuqala khona.

“Sibheke ukuthi sibambisan­e nezinkampa­ni ezincane zamaphathi ezingakakw­azi ukumelana nezidingo ezinkulu futhi ibhizinisi lethu lizosiza ukukhuzikh­ulisa. Sibheke futhi ukubambisa­na nosomabhiz­inisi bendawo ukuthi sisebenzis­ane nabo.”

IMureza Auto Company ihlose ukuthi yakhe iveni, i-sedan kanjalo neSUV encane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa