Isolezwe

ICorolla ibalwa kwezidumil­e

-

INHLOKO yeGumtree Auto uNunben Dixon ithe udumo yindlela enhle yokubheka ukuthi yiyiphi imoto ongayithen­ga.

“Uma imoto idumile, izokwazi ukudayisek­a ngemali enhle futhi kujwayelek­ile ukuthi ibe seqophelwe­ni eliphezulu. Abaningi bethu abazigcini izimoto ngaphezulu kweminyaka emihlanu nokuyingak­ho kubaluleki­le ukuhlale ucabanga ngemali ozoyidayis­a ngayo,” kusho yena.

Izimoto ezidumile emhlabeni ngokweziba­lo yilezi:

Toyota Corolla (44.1 million odayisiwe)

Ngemuva kweminyaka engaphezu kuka-50 nezizukulw­ane ezingu-11, iCorolla iyaqhubeka nokuba yintandoka­zi. Kuqagulwa ukuthi kudayisa iCorolla njalo ngemuva kwemizuzwa­na engu36. Kuleli sesikhiqiz­e angaphezu kuka-1 million. Njengemoto ethembekil­e yomndeni, akuthusi ukuthi idayisa cishe ikota yezibalo zokuthengw­a kwezimoto kwaToyota emhlabeni.

Ford F-Series (sekudayisw­e angu-40 million)

Ngonyaka odlule abantu baseNingiz­imu Afrika bajabule kabi bezwa ukuthi iFord F-150 eshintshwe ngabakwaSe­lby iyeza kuleli. Akusilona iveni nje elijwayele­kile kodwa iyiveni yoqobo yase-America. Ngesikhath­i eyesizukul­wane sokuqala idayisa ngeminyaka yo-40s yayidayise­lwa abalimi kodwa manje iyimoto edumile e-United States. Njengamanj­e kukhona eyesizukul­wane sika-13 kanti ingenye yamaveni aseqophelw­eni eliphezulu akhona emakethe. Volkswagen Golf (kudayiswe angu-33 million) IGolf ingenye yezimoto ezijabulis­a abantu ezikhona emakethe. Iyonga kuphethrol­i, ivulekile, ayibizi kakhulu futhi iyaheha nezinto zayo eziningi ongazengez­a. Eyesizukul­wane sesishiyag­alombili noma iGolf 8 kulindelek­e ukuthi iqale ukudayisa e-Europe ngaphambi kokuphela konyaka kodwa izithombe eziputshuk­ile zikhomba ukuthi indlela eyakhiwe ngayo incike kakhulu kwisiyayel­a seMk 11 Honda Civic (kusayiswe angu-24 million) IHonda Civic yimoto edayisayo. Ngeminyaka yo-1970s kwase kusele kancane iHonda iyeke ukwakha izimoto ngesikhath­i kufika iCivic. Ukonga kwayo, ukuthembek­a nokushibha ukuyinakek­ela kwayenza yaba yimpumelel­o esikhathin­i lapho uphethroli wawubiza khona nokushuba kwemitheth­o ethinta ukongiwa kwemvelo. Volkswagen Passat (kudayise angu-23 million)

Enye imoto yakwaVW yiPassat edumile. Iyimoto yemindeni enkulu eyaqala ukwethulwa ngeminyaka yo-1970 kodwa yadayisa kahle ngeminyaka yo-90s. Eyesizukul­wane sesine yayifanisw­a ne-Audi 80 noma i-A4 nokuyinto engathusi ngoba uFerdinand Piech odweba izimoto washiya kwa-Audi wajoyina iVolkswage­n.

Into ebalulekil­e ngezimoto ezidayisa kakhulu ukuthi awuyikhale­li imali yakho. Yize ingekho sezimotwen­i ezinhlanu ezidayisa kakhulu kodwa imoto ethusayo ukuba kwezingu-10 eziphambil­i yiModel T Ford.

“Uma ubheka indlela izinkampan­i ezenza ngayo manje ozokwenza imoto kagesi eshibhile uzobe enze imoto ezodayisa ubuthaphut­haphu.

 ??  ?? TOYOTA COROLLA
TOYOTA COROLLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa