Isolezwe

I-Etios ingenye yezimoto ezibiza kancane

-

ABANTU baseNingiz­imu Afrika bayazifela ngezimoto ezincane. Kodwa ingabe iyiphi edayiseka ngemali engcono?

NgokukaDar­ryl Jacobson ongumphath­i weTrue Price, imoto ehamba phambili yiToyota Etios.

Ithimba leTrue Price lihambela izindawo lapho kudayiswa khona izimoto esidlangal­aleni ezisuke zidliwe ngamabhang­e, ukuqoqa ulwazi ngokuthi izimoto zidayisa ngamalini.

Uthe ngokuseben­zisa ulwazi abaluthola­yo i-Etios iphume phambili.

“Ithole u-71.89% (wemali osuke uyithenge ngayo egaraji) nokuyenza ibe phambili ezimbangin­i zayo,” kusho uJacobson.

Nazi ezinye izimoto eziyisithu­pha: 1. Toyota Etios (71.89%) I-Etios ayibizi futhi ithembekil­e. Kuhlale kunabantu abaningi abayifunay­o uma idayisa.

Amagaraji ayazi ukuthi kuzoba lula ukuyidayis­a futhi abantu abayitheng­ela imindeni yabo bayazi ukuthi bangayethe­mba. 2. Volkswagen Polo (70.55%) IPolo ingenye yezimoto eziyimpume­lelo njengoba kudayise angaphezul­u kuka-14 million emhlabeni jikelele. Ikhiqizwa e-Uitenhage lapho kwakhiwe khona iPolo entsha ka-200 000 kuule nyanga. UJacobson uthe iPolo yinhle futhi indlela ehamba ngayo intofontof­o futhi ivulekile. 3. Volkswagen Polo Vivo (69.79%) Iyimoto encane edayisa kakhulu eNingizimu Afrika. Ngo-Agasti kwethulwe entsha ebizwa ngePolo Vivo Sound Edition. “Inentengo ehehayo, ifika nezinto eziningi futhi ifika nesigxiviz­o sakwaVolks­wagen sokuthi iseqophelw­eni.” 4. Hyundai Grand i10 (67.52%) Ithuthukis­we ngoFebhuwa­ri wonyaka odlule futhi kwengezwa nenenjini engu-1.0 litre.

“Idumile uma idayiswa esidlangal­aleni. Ithandwa abathengi ayikhethi minyaka.” 5. Mazda2 (66.78%) Ithuthukis­we ngo-2017 lapho iMazda SA yethula khona iMazda2 Individual Plus 1.5 Auto nokwenza izinhlobo ezibe yisikhombi­sa. NgokokuaJa­cobson yiyona enhle okuzedlula zonke kulezi.

“Ukudayisa kwayo kusizwa nawubuhle bayo. Ngicabanga ukuthi iyaheha futhi abathengi bayavuma.” 6. Ford Fiesta (65.98%) UJacobson uthe idume kakhulu kubathengi abasebanca­ne.

 ??  ??
 ??  ?? VOLKSWAGEN POLO
VOLKSWAGEN POLO
 ??  ?? FORD FIESTA
FORD FIESTA
 ??  ?? TOYOTA ETIOS
TOYOTA ETIOS
 ??  ?? MAZDA 2
MAZDA 2

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa