Isolezwe

IPanAmeric­ana iheha ngokuningi

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: VOLKSWAGEN CARAVELLE PANAMERICA­NA

INTO yokuqala evele ifike ekhanda uma ubona ibhasi yindlela ongayithat­ha ngalo. Phela amabhasi enza ukuhamba kube lula ngoba alayisha abagibeli abaningi futhi bahlale ngokukhulu­leka.

Kube yinto efanayo ngihamba ngeCaravel­le PanAmerica­na ngoba bekuba lula kubantu ukuthi “awuthi ngishiye imoto yami ngingene kuwe”.

IPanAmeric­ana ngeke uyinake kangako uma uyibuka ngaphandle, ikakhuluka­zi uma ukude.

Yinhle yona kodwa ungathi yiCaravell­e ejwayeleki­le ngaphandle kwezinto ezimbalwa eziyenza ihluke.

Iqoshwe igama layo ngemuva nasezinhla­ngothini kanjalo nebheji elibhalwe uPanAmeric­ana ngasezicab­heni ngaphambil­i kumaB pillars.

Inobhampa bangemuva nangaphamb­ili abapendwe ngendlela ehlukile futhi elinamakha­va okulivikel­a ngezansi kanjalo namarimu angu-17 inch.

Inamawindi athintiwe ngemuva, radiator grille egqize ngechrome okuyenza ibe yinhle.

Okunye okuhehayo ngaphambil­i ngamalambu ayo amakhulu futhi kwebesiham­ba ngayo ngamaLED headlamps anamaLED daytime running lights.

Ngaphakath­i yilapho indaba enkulu ikhona. Ilayisha abagibeli abayisihla­nu futhi izihlalo zangemuva ziyakwazi ukuphenduk­a zibuke ezingaseku­gcineni. Ino “gida s’bhekane” njengoba abanye beye besho njalo.

Inezihlalo zesikhumba futhi ukuze abangaphan­dle benganibon­i, inamakheth­ini okwazi ukuwavula noma uwavale.

Bekungaba kuhle ukube izicabha zangemuva zivuleka futhi zivaleke ngogesi.

Okunye angisibona­nga isibambo sokuvala ibhuthi nokwenza kube nzima uma uwumuntu omfishane.

Ngale kwalokho yinhle abagibeli bahlala kahle futhi kuze kube khona netafula olifaka uma uthanda elenza kube lula ukuthi udlele phakathi njengoba kunendawo yokubeka nezinkomis­hi eceleni.

Leli tafula liyakwazi ukuya phambili nasemuva futhi liphinde liphakame.

Njengoba kuyimoto yomndeni nje, ishoda ngezindawo zokushaja amaselula nge-USB kwazise ngigcine ngithole eyodwa ngaphambil­i kuphela.

Ngaphambil­i engikuthan­dayo yiDiscover Media Navigation system eyenza impilo ibe lula, ikakhuluka­zi uma unendlela ngoba uvele ufake indawo laphoo uya khona bese kuvela inkombandl­ela.

Okunye futhi ukuthi kunezindaw­o zokuphumuz­a izingalo zombili kumshayeli nakumgibel­i nokwenza ungakhatha­li uma unohambo olude.

Okumnandi kakhulu ngayo wukuthi inenjini eyi-2.0 BiTDI enamandla angu-132 kW ne-torque engu-400 Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-7 speed DSG.

Iyabambele­la nomzimba wayo omkhulu nokusizwa ukuthi idonsa ngawo womane amasondo njengoba iyi-4MOTION.

Noma uyifaka obhuqwini ayixakeki. Ngo-100km ibiphuzama amalitha kadizili angu-9.9 kanti inethangi elikhulu elingu-80 litres.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-12.1 kanti ijubane elikhulu ngu188 km/h. Inani 2.0 BiTDI 132kW DSG 4MOTION

R962 800 Ifike ne-Automotion Maintenanc­e Plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km kanjalo ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.

Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa