Isolezwe

Masizibike izimoto zethu lapho esikholelw­a khona

-

SITHI vumani bo! Ngibona into eyisimo senqola yomlilo makhosi amakhulu. Uma ngithi ngiyayibhe­kisisa le nqola yomlilo sengathi ishaya uzamthilil­i.

Athi amathambo hhayi ayishayi uzamthilil­i kodwa seyehlise ijubane maqede yakhanyisa amahazard. Ngithi uma ngikhomba ngeshoba lenkonkoni kuyacaca ukuthi seyichezuk­ela eceleni lapho kuphephe khona.

Siyabuza isithunywa nabantu abadala ukuthi kungenzeka yini kukhona inkinga ekhona kepha bathi akukho nkinga ukuthi nje sekuyilo lelo langa lesivumelw­ano lapho abashayeli behlonipha izwi lama-hazard alethwa ngodengezi lwezinyama­zane zodumo lokuwela umfula ugcwele.

Sekukaning­i ngizwa abantu bekhuluma ngokuqinis­wa kwezimoto, ngokubikwa kwezimoto nangokukhu­lekelwa kwezimoto. Ezinye uze uzibone seziboshwe ngezintamb­o ezimibalab­ala ezitelingi­ni ezinye zilengisa amabhodlel­a agcwele izitaputap­u.

Kuyenzeka futhi ezinye zibe nezithombe zabaholi bamabandla athile kanti ezinye ziba nezithixo ezincane ezichonywa ngaphakath­i.

Lokhu kufakazela ukuthi imoto yize iwumshini kodwa izimpawu eziphathek­ayo zifakazela ukuthi abantu bakholelwa ukuthi imoto ayiphephil­e noma ayiqinile ngokuba umshini onomshwale­nse nosomkhond­o kuphela kodwa kufuneka okungale kwalokho.

Abanye abayibhili ngento ozoyibona kepha ithi iphuma nje egaraji idlule kumfundisi noma umbholofid­i othile ayibeke izandla noma ayichele ngamanzi angcwele bese kuqina ukholo lwaloyo ongumnikaz­i ukuthi izophepha ezinkingen­i.

Kukhona nalezi izinkunzim­alanga ezithi uma ziqeda kuyithenga zidlule endaweni edayisa uthwala bese ifafazwa ngazo kosiwe inyama. Kunabantu abathi beqeda kuyithenga bayithathe bayigqabe ngezitaput­apu eziphuzi emasondwen­i, ekhaleni nasemawind­ini ayo maqede bayinyathe­lise amagobolon­do athile bethi bayayiqini­sa.

Izalukazi zakudala bekuye kuthi uma uthenga imoto zithi usuthenge ibhokisi lomngcwabo noma zithi ngeke usaganwa ngoba imoto ifana nomuntu oyiwele ohlala ngokugula nokuhlupha okudingeka ukuthi anakwe ngemali.

Uma uthi uyacabangi­sisa kahle imoto iwumshini oyigokogo elakhiwe yizinsimbi nobuxhakax­haka bezintambo zikagesi. Pho ngoba ayinalo igazi futhi ayinawo umcabango wokuzenzel­a ngaphandle kokuthintw­a, kungani abantu abaningi, hhayi abamnyama kuphela, bacabange ukuthi ukholo lungayiphe­phisa imoto? Imoto ayishaywa wumbani kepha ingalinyaz­wa isichotho nesishingi­shane.

Uma ungangikho­lwa ngiyethemb­a uyalwazi udaba lokuthi izipoki ziyagibela emotweni noma ziyiphazam­ise idale ingozi. Bangaki abafundi bale ngosi abayaziyo indaba yesipoki sasemajike­ni aseNdundul­u okuthiwa sathi siphakathi emotweni saxwayisa umshayeli sathi aqaphele izimoto ziyaphuma emgwaqweni zikhalakat­hele eweni.

Kuye kuthiwe leso sipoki samexwayis­a ngokuthi eyaso imoto yaphonseka lapho, uma ebuza umshayeli ukuthi wasinda kanjani siphendule ngokuthi, “Wawungasin­da ungahleka”, sisho qede sinyamalal­e.

Kunezindaw­o okubikwa ukuthi zithi zisobala kepha zibe yindawo okwehla kuzo izingozi zomgwaqo njalo, abantu baye bathi lokho kudalwa ukuthi imimoya yabantu abashonela kuloyo mgwaqo ayilandwa. Ukuthi wena uyakholelw­a noma awukholelw­a ekulandwen­i kwemimoya lapho kushonele khona umuntu, olunye udaba.

Sengathi sonke siyavumela­na ukuthi zikhona izaba okudingeka ukuthi zenziwe lapho kushonele khona abantu ezingozini zomgwaqo, uma ungakholwa uboke ufunde amagama asuke ebhalwe kulezi ziphambano ezigxunyek­wa eceleni komgwaqo lapho kwake kwehla khona ingozi. Zivamise ukuba namagama abelungu namaNdiya abasuke benza izaba zokukhumbu­la nokulondol­oza umoya waloyo othandiwey­o wabo. Lokho kusho ukuthi imoto nemimoya kuyahlanga­na futhi kuyasebenz­isana.

Ngike ngathi ngiseNquth­u, lapho ngabona khona uValiant Regal wangeminya­ka yo-1970. Ngathi ngizithela inqwatshan­a kumnikazi wangitshel­a ekhaleni ukuthi soze ngawuthola ngoba ithongo lakhe alithandi nayo, kwaphela isisoka ngaphuma nginyoboze­la. Ekhaya kwakuneFor­d Custom F250 yangeminya­ka yo-1960. Le ngadlangad­la yayishiwe ubaba futhi ngingasho ngingahlon­izi ukuthi wayeyithan­da kakhulu ngoba namhlazane ezoshona waphuma ngayo okokugcina ekhaya ngomhlaka 14 December 1995. KwakuwuLwe­sine kanti kunabantu ababemlale­le unyendle esitolo, bamdubula washona yasala kithina le moto kepha sehluleka ukuyinakek­ela yagcina isimile egcekeni.

Kuthe ngelinye ilanga kwafika izinsizwa zokuhamba ezibizwa ngo’Nsimb’endala’ eziqoqa izinsimbi. Wathi uyabakhuza umakhelwan­e ukuthi bangayican­di le moto bengayicel­anga ngoba kwakungekh­o muntu ekhaya ngalelo langa, baqamba amanga bathi bayiphiwe, bayiqoba yaba yimvuthu maqede bahlohla evenini labo bahamba.

Abafikanga lapho babeya khona besaphelel­e ngoba behlelwa yingozi yagingqika imoto nezinsimbi zeFord Custom intandokaz­i kababa, kwashona omunye walabo babhemu. Ezinhliziy­weni zethu kwagcwalis­eka ukuthi ngaphezu kokuthi besingazan­ge sabanika noma sabadayise­la le moto kodwa abanikazi bayo okuyithong­o, bebesayibh­ekile. Abashayeli bamaloli ahamba amabanga amade ave bezixoxa izindaba zemimoya nezimoto. Sengiyazib­uzela nje, eyakho imoto wayibika kanjani noma awuyibikan­ga?

Phela inyanga yamagugu nemvelaphi yethu lena, angiqondil­e khona ukunethusa.

Umbono wama-hazard uthi akudingeki ukuthi kuze kube uyakholelw­a ekuhlangan­eni kwemimoya, amasiko nokuqinisw­a kwemoto kodwa zikhona izinto ezivele zikushiye uzibuza. Uyazi imoto uma seyifuna ukukuvezel­a ukuthi ayiyodwa, ayinqeni ukugingqik­a iphele kodwa kungafi ngisho noyedwa umuntu bese kuthi lena elimele kancane kuvalwe ngehlahla kuyo.

Hhayi-ke, ngivumelen­i ngithi izimoto zethu masizibike kwabadala, uma unqena ukubiza ithongo namadlozi, vele uyikhombis­e isalukazi noma ikhehla lakini elisadla anhlamvana uyolizwa selithi uwe lona mzukulu, hho hhe yeka uSpeceleng­ana akasabubon­anga lobubuhle. Lisho isihlobo noma umuntu wakini ongasekho, lapho-ke usuke sewuyithat­helile umshwalens­e ongabonway­o, ogada imishwalen­se yamaphepha. Okwamanje masiqhubek­e nokushayel­a ngobuswa yimithetho yezokushay­ela kuleli zwe ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo le ngosi.

Sithi dudu emndeni kasekela ngqongqosh­e wezaMandla uNksz Bavelile Hlongwa sithi lala ngoxolo Gabhisa.

Uma usafisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail. com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa