Masizibike izimoto zethu lapho esikholelwa khona
SITHI vumani bo! Ngibona into eyisimo senqola yomlilo makhosi amakhulu. Uma ngithi ngiyayibhekisisa le nqola yomlilo sengathi ishaya uzamthilili.
Athi amathambo hhayi ayishayi uzamthilili kodwa seyehlise ijubane maqede yakhanyisa amahazard. Ngithi uma ngikhomba ngeshoba lenkonkoni kuyacaca ukuthi seyichezukela eceleni lapho kuphephe khona.
Siyabuza isithunywa nabantu abadala ukuthi kungenzeka yini kukhona inkinga ekhona kepha bathi akukho nkinga ukuthi nje sekuyilo lelo langa lesivumelwano lapho abashayeli behlonipha izwi lama-hazard alethwa ngodengezi lwezinyamazane zodumo lokuwela umfula ugcwele.
Sekukaningi ngizwa abantu bekhuluma ngokuqiniswa kwezimoto, ngokubikwa kwezimoto nangokukhulekelwa kwezimoto. Ezinye uze uzibone seziboshwe ngezintambo ezimibalabala ezitelingini ezinye zilengisa amabhodlela agcwele izitaputapu.
Kuyenzeka futhi ezinye zibe nezithombe zabaholi bamabandla athile kanti ezinye ziba nezithixo ezincane ezichonywa ngaphakathi.
Lokhu kufakazela ukuthi imoto yize iwumshini kodwa izimpawu eziphathekayo zifakazela ukuthi abantu bakholelwa ukuthi imoto ayiphephile noma ayiqinile ngokuba umshini onomshwalense nosomkhondo kuphela kodwa kufuneka okungale kwalokho.
Abanye abayibhili ngento ozoyibona kepha ithi iphuma nje egaraji idlule kumfundisi noma umbholofidi othile ayibeke izandla noma ayichele ngamanzi angcwele bese kuqina ukholo lwaloyo ongumnikazi ukuthi izophepha ezinkingeni.
Kukhona nalezi izinkunzimalanga ezithi uma ziqeda kuyithenga zidlule endaweni edayisa uthwala bese ifafazwa ngazo kosiwe inyama. Kunabantu abathi beqeda kuyithenga bayithathe bayigqabe ngezitaputapu eziphuzi emasondweni, ekhaleni nasemawindini ayo maqede bayinyathelise amagobolondo athile bethi bayayiqinisa.
Izalukazi zakudala bekuye kuthi uma uthenga imoto zithi usuthenge ibhokisi lomngcwabo noma zithi ngeke usaganwa ngoba imoto ifana nomuntu oyiwele ohlala ngokugula nokuhlupha okudingeka ukuthi anakwe ngemali.
Uma uthi uyacabangisisa kahle imoto iwumshini oyigokogo elakhiwe yizinsimbi nobuxhakaxhaka bezintambo zikagesi. Pho ngoba ayinalo igazi futhi ayinawo umcabango wokuzenzela ngaphandle kokuthintwa, kungani abantu abaningi, hhayi abamnyama kuphela, bacabange ukuthi ukholo lungayiphephisa imoto? Imoto ayishaywa wumbani kepha ingalinyazwa isichotho nesishingishane.
Uma ungangikholwa ngiyethemba uyalwazi udaba lokuthi izipoki ziyagibela emotweni noma ziyiphazamise idale ingozi. Bangaki abafundi bale ngosi abayaziyo indaba yesipoki sasemajikeni aseNdundulu okuthiwa sathi siphakathi emotweni saxwayisa umshayeli sathi aqaphele izimoto ziyaphuma emgwaqweni zikhalakathele eweni.
Kuye kuthiwe leso sipoki samexwayisa ngokuthi eyaso imoto yaphonseka lapho, uma ebuza umshayeli ukuthi wasinda kanjani siphendule ngokuthi, “Wawungasinda ungahleka”, sisho qede sinyamalale.
Kunezindawo okubikwa ukuthi zithi zisobala kepha zibe yindawo okwehla kuzo izingozi zomgwaqo njalo, abantu baye bathi lokho kudalwa ukuthi imimoya yabantu abashonela kuloyo mgwaqo ayilandwa. Ukuthi wena uyakholelwa noma awukholelwa ekulandweni kwemimoya lapho kushonele khona umuntu, olunye udaba.
Sengathi sonke siyavumelana ukuthi zikhona izaba okudingeka ukuthi zenziwe lapho kushonele khona abantu ezingozini zomgwaqo, uma ungakholwa uboke ufunde amagama asuke ebhalwe kulezi ziphambano ezigxunyekwa eceleni komgwaqo lapho kwake kwehla khona ingozi. Zivamise ukuba namagama abelungu namaNdiya abasuke benza izaba zokukhumbula nokulondoloza umoya waloyo othandiweyo wabo. Lokho kusho ukuthi imoto nemimoya kuyahlangana futhi kuyasebenzisana.
Ngike ngathi ngiseNquthu, lapho ngabona khona uValiant Regal wangeminyaka yo-1970. Ngathi ngizithela inqwatshana kumnikazi wangitshela ekhaleni ukuthi soze ngawuthola ngoba ithongo lakhe alithandi nayo, kwaphela isisoka ngaphuma nginyobozela. Ekhaya kwakuneFord Custom F250 yangeminyaka yo-1960. Le ngadlangadla yayishiwe ubaba futhi ngingasho ngingahlonizi ukuthi wayeyithanda kakhulu ngoba namhlazane ezoshona waphuma ngayo okokugcina ekhaya ngomhlaka 14 December 1995. KwakuwuLwesine kanti kunabantu ababemlalele unyendle esitolo, bamdubula washona yasala kithina le moto kepha sehluleka ukuyinakekela yagcina isimile egcekeni.
Kuthe ngelinye ilanga kwafika izinsizwa zokuhamba ezibizwa ngo’Nsimb’endala’ eziqoqa izinsimbi. Wathi uyabakhuza umakhelwane ukuthi bangayicandi le moto bengayicelanga ngoba kwakungekho muntu ekhaya ngalelo langa, baqamba amanga bathi bayiphiwe, bayiqoba yaba yimvuthu maqede bahlohla evenini labo bahamba.
Abafikanga lapho babeya khona besaphelele ngoba behlelwa yingozi yagingqika imoto nezinsimbi zeFord Custom intandokazi kababa, kwashona omunye walabo babhemu. Ezinhliziyweni zethu kwagcwaliseka ukuthi ngaphezu kokuthi besingazange sabanika noma sabadayisela le moto kodwa abanikazi bayo okuyithongo, bebesayibhekile. Abashayeli bamaloli ahamba amabanga amade ave bezixoxa izindaba zemimoya nezimoto. Sengiyazibuzela nje, eyakho imoto wayibika kanjani noma awuyibikanga?
Phela inyanga yamagugu nemvelaphi yethu lena, angiqondile khona ukunethusa.
Umbono wama-hazard uthi akudingeki ukuthi kuze kube uyakholelwa ekuhlanganeni kwemimoya, amasiko nokuqiniswa kwemoto kodwa zikhona izinto ezivele zikushiye uzibuza. Uyazi imoto uma seyifuna ukukuvezela ukuthi ayiyodwa, ayinqeni ukugingqika iphele kodwa kungafi ngisho noyedwa umuntu bese kuthi lena elimele kancane kuvalwe ngehlahla kuyo.
Hhayi-ke, ngivumeleni ngithi izimoto zethu masizibike kwabadala, uma unqena ukubiza ithongo namadlozi, vele uyikhombise isalukazi noma ikhehla lakini elisadla anhlamvana uyolizwa selithi uwe lona mzukulu, hho hhe yeka uSpecelengana akasabubonanga lobubuhle. Lisho isihlobo noma umuntu wakini ongasekho, lapho-ke usuke sewuyithathelile umshwalense ongabonwayo, ogada imishwalense yamaphepha. Okwamanje masiqhubeke nokushayela ngobuswa yimithetho yezokushayela kuleli zwe ukuze sihlangane sisawuphonsa umbalane nangesonto elizayo kuyo le ngosi.
Sithi dudu emndeni kasekela ngqongqoshe wezaMandla uNksz Bavelile Hlongwa sithi lala ngoxolo Gabhisa.
Uma usafisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail. com