Baphinde benza abadume ngako bemuka nesicoco kwiSACCS
ULANCE Woolridge noWard Huxtable baqhubekile nokukhonya esigabeni seClass T emncintiswaneni iSouth African Cross Country Series (SACCS) bedla isicoco kusasele umjaho owodwa isizini isongwe.
Laba bashayeli beCastrol Ford Cross Country Team banqobe emjahweni iLichtenburg 400 ebiseNorth West ngempelasonto. Bebehamba ngeFord Ranger eyiV8 eyenziwe yiNeil Woolridge Motosport (NWM). Bebevele behamba phambili ngamaphuzu emuva kokunqoba imijaho emine ilandelana.
Yize umjaho wangoLwesihlanu ongu-55km wokuhlunga ungahambanga kahle ngenxa yokuduka ngasekugcineni, okubenze baqala endaweni yesihlanu ngoMgqibelo, kodwa igebe beliyimizuzwana engu-48 phakathi kwabo noGary Bertholdt noGeoff Minnitt beToyota abebephambili.
Indawo abebeshayela kuyo ibiqondile kangangokuba abashayeli bebebuye bashaye u-180km/h. Bagcine beqede endaweni yesine nokubenze banyuselwa endaweni yesibili ngemuva kwemiphumela yosuku.
UWoolridge uthe kuyamjabulisa ukunqoba esigabeni seClass T.
“Sibe nemoto enhle kule sizini futhi iqembu lenze umsebenzi oncomekayo. Besibheke ukunqoba kodwa izinto azihambanga ngohlelo ngoLwesihlanu futhi sisalele ngemuva kusuka lapho. Kodwa emuva kokuthi ngonyaka odlule umncintiswano waze wasongwa ekugcineni, kuhle ukuthi siqede lona kusanesikhathi nokwenza singabi nangcindezi ngomjaho wokugcina wokuhamba siyojabula kodwa silwele ukunqoba,” kusho yena.
Umphathi weNWM, uNeil Woolridge, uthe basebenze kanzima ukuthuthukisa izimoto zabo nokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu liwulungele umjaho.
Umjaho wokugcina uzoba seParys ngoNovemba 1 no-2.