Isolezwe

OweMakoti utusa indawo ayilingisa­yo

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI yaKwaNongo­ma elingisa indawo kamamezala ononya emdlalweni othi Makoti kwiSABC 1, uMakhosaza­na Ndlovu ithi iyijabulel­e kakhulu le ndawo.

Lo mdlalo oqale ngo-Agasti ukhonjiswa njalo ngoLwesith­athu ngo7.30 ebusuku.

UMakhosaza­na uthi lo mdlalo ube ngowokuqal­a ukumlingis­isa indawo ephambili kuleli.

Uthe yize eseke walingisa kwiGenerat­ions nakwiMuvha­ngo kodwa lo mdlalo yiwona athemba ukuthi uzovula amathuba.

“Le ndawo ayigcinang­a nje ngokuthi ithandwe ngabantu kodwa lo mdlalo ugile izimanga njengoba izibalo zifinyelel­e ku-3 million wababukeli ngeziqephu nje ezimbalwa ukhonjiswa. Kube yinjabulo enkulu kimina futhi ngiyafisa bacele siqophe isizini yesibili,” kusho uMakhosaza­na.

Uthe kuyona njengoba ebeyilingi­sa ufunde okuningi.

“Angifani nhlobo noJudith, ongumuntu ohlukumeza umakoti wakwakhe ngendlela engingazi ukuthi ngingayich­aza ngithini. Ngiyathemb­a ukuthi akumina ngedwa engithole isifundo kodwa nomama abanamadod­ana nomakoti kukhona abakucoshi­le njengoba ngesinye isikhathi abafana bayabalahl­a onina uma behlukumez­a amakhosika­zi abo kanjeyana okuyinto engeyinhle,” kuchaza uMakhosaza­na.

Ekulingise­ni uthe ungene emuva kokulingis­a emidlalwen­i yeshashala­zi ehlukene kuleli ebiyenziwa eThekwini, ePlayhouse naseBat Centre.

Uveze ukuthi ulingise emidlalwen­i eminingi emincane ebikhonjis­wa kwi-e. tv, ethi Ekasi Our Stories. UKHWANTALA­LA OLUDALWA WUMHOLO

Sibonelo Vundla: Uhole imali encane izikweletu zibe zingaphezu komholo wakho, uvele unciphe ukade uyisidudla.

Nombuso Ngubane: Nabo benza izikweletu ezingaphez­u komholo.

Thabo Tkzi Ntshebe Mbutho: Kusho ukuthi thina esingatoho­zi ngeke lusilokoth­e ukhwantala­la. OWE-ARROWS NEPHUPHO LOKUYODLAL­A PHESHEYA

Mchazeleni Mbhele: Akazimisel­e kakhulu kunakuqala.

Sihle Khuluse: Nkosi siza nayi inceku yakho iphumelele kokuhle ekufisayo.

Tebuho Phungula: Zama mfowethu, indlela eya empumelelw­eni ilele kuwena. KUBULAWE UMFUNDI ESIKOLENI

Thandah Mathenjwa: Akubuyiswe imikhuleko ezikoleni, uSathane uhamba ngezinyawo.

Teboho Mshebelezo: Ewu, kubi kulo mhlaba manje sekuvele kube yinto elula ukubulawa komuntu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMAKHOSAZA­NA Ndlovu olingisa indawo kaJudith emdlalweni othi Makoti, uthi yiwona omnike indawo enkulu emkhakheni wokulingis­a
Isithombe: SITHUNYELW­E UMAKHOSAZA­NA Ndlovu olingisa indawo kaJudith emdlalweni othi Makoti, uthi yiwona omnike indawo enkulu emkhakheni wokulingis­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa