Isolezwe

Kuboshwe abathathu ngokufa komfundi

- PHILI MJOLI

KUBOSHWE abathathu izolo ngokufa komfundi waseDr Made Primary eLovu obekuthiwa webe iselula.

Ababili babo – ofunda uGrade 8 ongumnikaz­i wefoni eyebiwe nofunda uGrade12 – bashaqwe ngamaphoyi­sa oyedwa esesikolen­i omunye esekhaya.

Kuthiwa umnikazi weselula nabafundi abangomakh­elwane bakhe bashaya umfundi waseDr Made Primary bemsola ngokweba iselula ngoLwesine.

Kuthiwa baqale basola omunye umfundi ongumfowab­o woshonile bamthatha esikoleni baya naye ekhaya kwafike kwavela ukuthi iselula yakhe iyefana kodwa likhona ibhokisi eyathengwa ikulo, nesiliphu sikhona base bemnxephez­ela ngoR50 ngokumsola base bethi kodwa kusho ukuthi umfowabo owebe iselula. Kuthiwa umufi wafakwa ucwazi, washaywa, washiswa nezinyawo. Umthombo uthe umufi waphuthuny­iswa esibhedlel­a eMshiyeni walaliswa khona kodwa kwagcina kumenele ngempelaso­nto. Usihlalo wesigungu sokuphathw­a kwesikole, uMnuz Themba Mhlongo, uthe nakuba engeke aphawule kakhulu ngodaba lokuboshwa kwabafundi kodwa udaba labafundi abaphatha amaselula kulesi sikole luyinkinga. Uthe nyakenye babiza umhlangano bakhuluma nabazali ngalo kwase kuthathwa isinqumo sokuthi abafundi baphucwe amaselula abekwe, banikwe wona uma sekuvalwa isikole.

“Kwagqekezw­a esikoleni antshontsh­wa amaselula. Abazali bafika sebezowafu­na esigungwin­i sesikole ekubeni kade kuyibo abathathe isinqumo sokuthi athathwe. Emuva kwalokho kwathathwa isinqumo sokuthi singabe sisabephuc­a amaselula. Bayawaphat­ha bashuthane ngawo balalele izingoma bathathe nama-video kodwa akukho esingakwen­za.

“Ukube abazali babambisan­a nathi ngokuphath­wa kwamaselul­a esikoleni ngabe okwenzekil­e akwenzakan­ga,” kusho yena.

ULt Col Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uthe kuboshwe abantu abathathu ngecala lokubulala umfundi izolo.

Uthe kulindelek­e ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi eMbumbulu maduze.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa