Isolezwe

Bazoqashwa ngamaphoyi­sa abaka-matric kufa umfundi

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAZOBHALA izivivinyo zabo zika-matric begadwe ngamaphoyi­sa abafundi base-Eastwood Secondary ngaphandle kwaseMgung­undlovu emuva kwesigamek­o sokubulawa komfundi, okuthiwa ugwazwe ngabanye afunda nabo.

Umfundi kaGrade 11, uHershall Fynn (18), ubulawe ngaphandle kwamagceke esikole ngoLwesibi­li ntambama.

Izolo uNgqongqos­he woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ube nomhlangan­o nothisha nabazali bakulesi sikole.

UMshengu uthe bezwe ukuthi kunodlame lwabafundi oseluhluka­nise phakathi nomphakath­i ngokobuhla­nga, amakhaladi nabamnyama.

Ekhuluma neSolezwe ukugxekile okwenzeke esikoleni, wathi ezokupheph­a zizoqinisw­a ukuze kugwenywe ukuthi isigameko singabuye senzeke.

“Namhlanje (izolo), sikumisile ukufunda nokufundis­a kulesi sikole ngenxa yalesi sigameko sokubulawa komfundi. Abafundi baka-matric abebebhala iComputer Technology, bayiswe kwesinye isikole babhala khona. Emuva komhlangan­o esibe nawo nabazali sitholile ukuthi kunomdlalo owenziwa ngabafundi bakamatric obizwa nge-bombing lapho abafundi beshaya amawindi esikole, bashaye nabanye, bajikijele isikole ngamaqanda. Lezo zimo ziholela odlameni kubafundi. Sithole nokuthi kunenkinga yezidakami­zwa kulesi sikole,” kusho uMshengu.

Uthe emuva kokubona isimo babe sebehlela ukuba kutshwalwe amaphoyisa azoqapha.

“Kusukela kusasa (namhlanje), ukufunda kuzobuyela esimeni esijwayele­kile. Sinxuse ukuba kube khona amaphoyisa azogada, aqinisekis­e nokuthi kuphephile njengoba abafundi bebhala izivivinyo zika-matric. Kuzoza nabaluleka abafundi ngokomqond­o,” kusho uMshengu.

Ungqongqos­he ukhuze ukuba umphakathi kube yiwona obhebhethe­kisa udlame ngokuphind­isela.

“Okunye okwenze isimo saba muncu kakhulu, kusolwa ukuthi emuva kokubulawa kwalo mfundi, abomphakat­hi wasemakhal­adini, babe sebeya ngasemakha­ya abafundi abamnyama bazama ukuphindis­ela.

Kumanje kunabafund­i abasesibhe­dlela emuva kokuhlasel­wa. Siyakuvala-ke lokhu. Abantu abadedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo,”kusho uMshengu.

Uthe bawuvakash­elile nomndeni womfundi oshonile, ukuyodluli­sa amazwi enduduzo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe akekho oboshiwe ngecala lokubulala, uphenyo lusaqhubek­a. Amahebezi okuthi kukhona abafundi abahlaselw­e, uthe ngeke bakuqinise­kise kuze kube bavula amacala labo abashayiwe. Unina woshonile, uNkk Natalie Fynn, uthe akakholwa futhi kumshaqile ukubulawa kwendodana yakhe ebinekusas­a eliqhakazi­le, ithanda nokudlala ibhola lezinyawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa