Itwetwe kuphela ugesi kubhalwa
ISIMEMEZELO se-Eskom sokuthi izocisha ugesi ngezikhathi ezithile sesiqubule itwetwe njengoba siqondene nokuqala kokubhalwa kwezivivinyo zika-matric zokuphela konyaka.
Inkampani ephakela ngogesi i-Eskom ikhiphe isimemezelo izolo.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngokhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekelo kuzwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe ukuphazamiseka kokuphakelwa kukagesi ngalesi sikhathi kuzoba nomthelela ongemuhle kubafundi abalungiselela ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka okuqale izolo.
“Sizoxoxa ne-Eskom ngenhloso yokuwuqaphelisa ngemiphumela engemihle engadalwa ukunqanyulwa kwamandla kagesi njengoba sekuqale izivivinyo zika-matric kuzwelonke,” kusho uMhlanga.
Uthe zikhona izinhlelo umnyango onazo ezizosetshenziswa ukubhekana nalesi simo uma kukhona abafundi abangakwazi ukubhala ngenxa yaso. Khonamanjalo, uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, uye esikoleni iGeorge Campbell Technical eyokhuluma nabafundi ebafisela ukubhala okuhle sekusele isikhathi esingaphansi kwehora kuqalwe ukubhalwa kwe Computer Applications Technology izolo
Bangu-3 600 abafundi kulesi sifundazwe obekulindeleke ukuthi babhale lesi sifundo.
Ekhuluma nabafundi uMshengu uthe bathwele amathemba esifundazwe ekwenzeni kahle kakhulu kulo nyaka uma sekumenyezelwa imiphumela ka-matric.
“Njengoba niqala ukubhala izivivinyo zenu sinifisela okuhle kodwa futhi siyathemba ukuthi nizoliphakamisa izinga kulo nyaka lokuphasa u-matric. Siyasiqonda isimo enikuso njengoba nathi sike saba ngabafundi baka-matric. Sazi kahle ukuthi uzizwa kanjani uma sekuyilesi sikhathi kodwa bhalani ngokuzimisela nazi ukuthi ngokwenza kahle, kungekhona kuphela kulesi sifundo enisibhala namuhla (izolo) kodwa nakwezinye, kuzolekelela ukuthi sithole u- 100% njengoba kuyisifiso sethu ukuthi niphase nonke,” kusho uMshengu.
Ukugcizelele ukuthi umnyango wakhe ubufuna ukuqinisekisa ukuthi ukuqala kwezivivinyo zokuphela konyaka akunazihibe kufiselwe nabafundi okuhle.
Bangu-13 abafundi kulesi sikole ababhale leli phepha. UMuziwamajama Dlamini (17) waseMlaza, ongomunye wabafundi abebebhala leli phepha, uthe uyazethemba kakhulu.
“Anginalo nakancane uvalo. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ngiyaphumelela,” kusho uMuziwamajama.
Lesi sifundo sisezifundweni ezingu-12 ezintsha ezikoleni.