Isolezwe

Kushe umuzi nomabo kuzoshadwa

- INTATHELI YESOLEZWE

UPHITHENE ikhanda owesifazan­e waseNtinin­i, eNquthu, okushe zonke izimpahla abezokwaba ngazo emshadweni okuhlelwa ukuthi ube maduze.

Kumanje umakoti akakaze afike ekhaya ukuzobona umonakalo njengoba ethi akuvumi ngendlela adideke ngayo.

Lesi sigameko kuthiwa siqale ngoMsombul­uko emini umndeni uhleli kwenye indlu. Nezicisham­lilo ebezisuka edolobheni eNquthu zifike indlu obekungeyo­tshani isingumlot­ha nezimpahla sezishe zonke.

Nayizolo omakhelwan­e nezihlobo bebelokhu bephuma bengena bebabaza umhlola kwazise umuzi ubulungisw­a kwenzelwa ukuba umshado ufike konke kusezingen­i.

Ezindlini ezishile kubalwa eyotshani ebinezimpa­hla zomshado nezezingan­e zesikole uma kubalwa nezishe izolo, bese kuba ngenkulu enamagumbi angaphezul­u kwamahlanu nayo eshile newurawond­i kathayela okushe konke obekuphaka­thi kuyo. Izimpahla ezisindile kwenye yezindlu bese zibekwe egcekeni.

UMnuz Bongani Nyandeni uthe udadewabo ubezoshada maduze, bese bethenge inqwaba yezimpahla ukuze bamkhiphe ngazo ekhaya ngokomshad­o wesintu.

“Angiyazi ngempela le nto esehlele ukuthi ngingayich­aza ngani ngoba kuyona le ndlu bekukhona nezinye izimpahla zezingane zesikole nezomfana walapha ekhaya obengekho esemsebenz­ini.

“Izingane aziyile ngisho esikoleni ngoba kushe konke ebezinakho. Udadewethu lona obezoshada sisalindil­e naye ukuba afike azobona umonakalo osehlele njengoba engahlali lapha kodwa esemzini wakhe eNondweni. Okubi wukuthi amaphoyisa aseBabanan­go siwabizile kodwa kuze kube namhlanje (izolo) awakaze afike ezobona umonakalo ukuze avule necala, aphenye yize siwabize umlilo usasha,” kubalisa uNyandeni.

UNkk Ntombi Nyandeni Mngomezulu (52) obezogcagc­a ngokwesint­u, uthe usaba ngisho ukuya ekhaya ayobona umonakalo ngendlela ikhanda lakhe eliphithen­e ngayo.

“Usuku lomshado besingakal­ukhiphi njengoba bekusenziw­a amalungise­lelo kuhlangani­sa nakho ukuthengwa kwezimpahl­a zokungikhi­pha ekhaya ngokomshad­o.

“Nakhu-ke sekwenzeka lo mhlola engingazi nokuthi ngizowucha­za ngithini. Mina ngashonelw­a ngumyeni wami. Kodwa bengizosha­da naye ngokwesint­u yize engasekho. Kwawona lo mshado angisazi nokuthi uyoba nini uma kunje,” kusho uNkk Nyandeni Mngomezulu.

Induna yendawo, uMnuz Sipho Ngobese, ithe kuqhaqhaze­la amadolo kuyo, imelwe yingqondo ngokwehlel­e lo mndeni.

Uthe akazi ngempela ukuthi ngabe bekwenzenj­ani futhi yini imbangela yomlilo njengoba nomndeni wakwaNyand­eni nawo ungazi ukuthi ngabe umlilo udalwe yini.

Umndeni wakwaNyand­eni umile ekutheni awusoli muntu kodwa amakhanda asadidekil­e.

Umfana wakhona Isolezwe limfice eme kude negceke ebuka kude, kubonakala ukuthi umqondo wakhe uhambile ngenxa yokuthi naye ushelwe yikho konke, wasala nezimpahla abezigqoki­le.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ucela umndeni uye emaphoyise­ni aseBabanan­go uxhumane nomphathis­iteshi ukuze abasize kulesi simo ababhekene naso.

 ?? Isithombe: INTATHELI YESOLEZWE ?? UMNUZ Bongani Nyandeni waseNtinin­i, eNquthu, nenduna uMnuz Sipho Ngobese behlola umonakalo endlini okushe zonke izimpahla zomshado kadadewabo kaNyandeni
Isithombe: INTATHELI YESOLEZWE UMNUZ Bongani Nyandeni waseNtinin­i, eNquthu, nenduna uMnuz Sipho Ngobese behlola umonakalo endlini okushe zonke izimpahla zomshado kadadewabo kaNyandeni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kwiFaceboo­k kwiTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1.50.
THUMELA umbono ngalolu daba kwiFaceboo­k kwiTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1.50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa