Isikhalo ngamaphoyisa ashela abazobika amacala
UTHUKUTHELE uyaveva umphakathi waKwaXimba ngezinsolo zokuthi amaphoyisa esilisa asebenza esiteshini sendawo eMsunduzi ashela abantu besifazane abasuke bezobika amacala.
Esehlakalweni sakamuva kuthiwa amaphoyisa amabili esilisa akulesi siteshi, athathe owesifazane ongumfundi owenza uGrade 12, obezobika ngesigameko sokuthi obeyisoka lakhe usabalalise izithombe zakhe enqunu.
Lawa maphoyisa kuthiwa athathe lo mfundi, athi akuyobhekwa umsolwa kubo eNtukusweni, kwathi uma engatholakali, athi ngeke esakwazi ukubuyela e-number 9, ngoba vele aseshayisile aseyahamba aya eMgungundlovu, nokuholele ekutheni ahambe nalo mfundi.
Elandisa ngalesi sigameko, lo mfundi ongeke aze adalulwe ukuze avikelwe emuva kokusatshalaliswa kwezithombe zakhe obeyisoka, uthe ufike esiteshini eyobika obeyisoka lakhe kodwa usizo wangaluthola.
“Amaphoyisa esilisa amabili engiwaficile angithathile, athi asiyobheka umsolwa kuthe uma singamtholi athi ngeke esangibuyisela emuva aseya eMgungundlovu angitshela ukuthi angitshele isoka lami lizongilanda, kuthe uma selishaya ucingo lithi lisendleleni liyeza awame, athi ngeke ame wona futhi ngeke angishiye esigangeni ngoba sekumnyama.
Endleleni elinye lawo belingishela lithi angizange ngikhethe kahle kumele ngiqome lona,” kusho lo mfundi.
Uthe lawa maphoyisa afike amshiya evenini angena esiteshini sase-Alexander waze wabuya namanye amaphoyisa abengena ebusuku. Lo mfundi uthe lawa maphoyisa abephuza utshwala ngesikhathi ehamba naye.
Uninakhulu walo mfundi, uNkk Nomvula Mthonti uthe simphathe kabi isenzo salawa maphoyisa ikakhulukazi njengoba kunesikhalo ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
“Angazi ukuthi bekuzokwenzakalani ukube akekho obazi ukuthi ingane yami ihambe namaphoyisa mhlampe ibizokwenziwa isilo sengubo,” kusho uNkk Mthonti.
UMnuz Siyabonga Ndelu oyilungu lomphakathi, uthe abaneme ngendlela amaphoyisa aseMsunduzi aziphethe ngayo.
Uthe kukhona elinye iphoyisa elalisebenza kulesi siteshi elaze lahamba ngenxa yengcindezi eyayivela emphakathini ngokuziphatha kwalo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Musa Mkhize lithe ziningi izikhalo abahlale bezithola mayelana nokuziphatha kwamaphoyisa aseMsunduzi.
“Ziningi izikhalo ezikhona ezinye engizidlulisele eziphathimandleni zamaphoyisa ezingeni lesifundazwe kodwa akukaze kube khona umnyakazo, ezinye izikhalo ezikhona ukungaziphathi kahle kwamaphoyisa esilisa okuthiwa ashela abezifazane, ezinye izinsolo zokuthinteka ekushushumbisweni kwezidakamizwa kwamanye amaphoyisa, nami siqu ziningi izigameko engizibikile kulesi siteshi okugcine sengiba nyamanambane, ngeke ngikufihle ukuthi angisakuthokozeli ukubika eMsunduzi,” kusho uMkhize.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa alawulwa yimigomo yokuziphatha, wengeza ngokuthi amaphoyisa kulindeleke ukuthi aphathe wonke umuntu ngenhlonipho.
“Umuntu onganeme ngokuziphatha kwephoyisa elithile kumele abikele umphathi siteshi okunguye ongaphenya ngezinsolo ezivezwayo,” kusho uNaicker.