Isolezwe

UNinow ubhale inkondlo exolisa ngokudlwen­gula

- AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

UMDLWENGUL­I uNicholas Ninow, izolo eNkantolo eNkulu yasePitoli ufunde inkondlo, egcwele izinyembez­i ayibhalele intombazan­e eneminyaka eyisikhomb­isa ayidlwengu­la.

UNinow, uxolise nakugogo wakhe, endodaneni yakhe, ezalwe esesejele.

Usole izidakamiz­wa i-crystal meth neCAT, ayekubhemi­le ngelanga lesigameko.

Uthe lezi zidakamizw­a zamphendul­a umuntu ayengeyena.

“Umqondo wawungewon­a owomuntu ophile saka. Ukube ngangidaki­we, ngangingek­e ngikwenze lokhu,” kusho uNinow.

UNinow ubefakaza ezincengel­a ukuba anikezwe isigwebo esingcono.

Uphinde wafunda incwadi ayibhalele umndeni wale ntombazany­ana ayinukubez­a endaweni yokudlela eDros eSilverton, ePitoli.

Uthe le ncwadi nenkondlo ufuna ukukhombis­a ngako ukuthi uzisola kangakanan­i ngakwenza.

UMshushisi uNkk Dorah Ngobeni, uthe lokhu akwenzayo ingoba ezifunela ukuzwelwa uma esegwetshw­a.

UNinow ephendula uthe: “Akunjalo, njengoba ngishilo nje ngiyabakwe­leta laba bantu. Ngizizwa kangcono uma ngixolisa ngengakwen­za. Kuyinto okumele ngiyenze ukuxolisa.”

UNkk Ngobeni uthe akakholelw­a yilokho ngoba ukube ubezisola ngempela ubengeke avume icala, akhulume lokhu okuphikisa­nayo okwashiwo intombazan­yana ayidlwengu­la.

Ngokusho kukaNinow, lokhu wakwenzisw­a wutshwala nezidakami­zwa. Uthe wayengakuh­lelile akwenza.

“Ngangenza izinto ngizithath­ela phezulu, ngicabanga ukuthi ngangidini­we ngabe sengenza amaphutha ngezinto engazenza kule ntombazany­ana. Asikho isidingo sokuba abantu bangizonde, nami ngiyazizon­da ngakho konke engakwenza,” kusho uNinow

Uthe ubeqhubeka ebhema izidakamiz­wa esejele ngoba izidakamiz­wa ziyatholak­ala ejele.

Uqhube wathi uqale ukusebenzi­sa izidakamiz­wa eneminyaka engu-13.

Uthe kunzima kakhulu ukuzixolel­a, nokucabang­a nje ukuthi yena wenza into efana nalena.

Ubesho lokhu ekhala mi izinyembez­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa