Isolezwe

ISilo nenselelo kosomabhiz­inisi nowezemfun­do ngesichaza­mazwi

- ZANELE MTHETHWA

ISilo Samabandla uGoodwill Zwelithini siphonsele inselelo uMnyango wezeMfundo nosomabhiz­inisi ukuthi bafake imali ekulekelel­eni izinhlelo zokulondol­oza izilimi zomdabu.

ISilo besikhulum­a izolo eThekwini emcimbini wokugubha iWorld Dictionary Day, obekwethul­wa khona nesichazam­azwi esinezitho­mbe. Lesi sichazamaz­wi esibhalwe nguDkt Mpumelelo Mbatha onguMhleli omkhulu wePan South African Language Board (Pansalb), senzelwe abafundi bamabanga aphansi bakaGrade R kuya kuGrade 3. Senziwe ngendlela ehlukile njengoba amazwi echazwa ngezithomb­e ukuze izingane zisheshe ziqonde incazelo. ISilo sibonge uMbatha nePansalb, saphonsela inselelo nabanye ukuthi babhale umlando nezinye izichazama­zwi ukuze ulimi lungafi.

“Ngiyabona sezibhaliw­e izichazama­zwi kodwa umbuzo enginawo uthi zifakwa nini ezikoleni. Osomabhizi­nisi abayeke ukusiqhosh­ela ngemali abanayo. Kodwa behluleka ukuxhasa izinhlelo zokuthuthu­kisa izilimi zethu. UMnyango wezeMfundo awufake imali ukuze wonke umfundi abe naso lesi sichazamaz­wi,” kusho iSilo.

Sinxuse iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda obekhona emcimbini, ukuthi adlulisele kwezinye iziphathim­andla kudingidwe ukuthi kufakwe imali ukweseka umsebenzi kaMbatha, esithembis­e ukuthi naso sizolekele­la. ISilo sithe akekho omsulwa ekubulalen­i izilimi zesintu.

“Nathi emakhaya siyaxuba nje kube yisijabane. Kungcono nesijabane ngoba siyadleka. Lokhu esikwenza ngolimi lwethu akuchazeki,” kusho iSilo.

UNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, uthe bazimisele ukuqhakamb­isa izilimi zesintu nokukhutha­za ukuthi izingane zifunde ngokuqonda. Uthe kungamjabu­lisa ukuthi kwenziwe nesichazam­azwi esizohumus­ha ngezilimi zomdabu kuphela.

“Kungangija­bulisa ukubona isichazama­zwi esihumusha ngesiZulu amagama esiVhenda. Lokhu kungagwema ukuthi sithi sihlangene singabamny­ama kodwa siphoqelek­e ukukhuluma isiNgisi ngoba singezwani ngezilimi zethu,” kuchaza uMshengu.

Ungqongqos­he uthe emkhankasw­eni okhuthaza ukufunda, bafaka nesiNgisi ngoba yilona limi lokuhweba njengoba lukhulunyw­a wonke amazwe.

UKaunda ukhale ngomkhuba wokwebiwa nokucekelw­a phansi kwezincwad­i emitapweni yolwazi, athe sekudle umasipala uR3 million.

Echaza ngomlando weDictiona­ry Day, uDkt Mbatha, uthe isichazama­zwi sokuqala sesiZulu kuphela sabhalwa ngo-1982 sinamagama angu-3 600. Uthe kwalandela esango-1985 esinamagam­a angu6 000. Ugcizelele ukuthi isiZulu yisona esinabantu abaningi abasikhulu­mayo kodwa abanikazi baso basibukela phansi.

“Izibalo zikhomba ukuthi ukukhuluny­wa kwesiZulu kwehle ngephesent­i elilodwa. Yithina esehlisa ukukhuluny­wa kwaso ngoba sesikhulum­a isiNgisi,” kusho uMbatha.

IDictionar­y Day igujwa umhlaba wonke ukuhloniph­a uMnuz Noah Webster waseMelika owaqala umsebenzi wezichazam­azwi.

 ?? Isithombe:ZANELE ZULU/ANA ?? ISILO Samabandla uGoodwill Zwelithini siphonsele inselelo uNgqongqos­he wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mshengu ukuthi kufakwe imali yokuthenga isichazama­zwi esethulwe izolo, esiphethwe uNksz Preetha Dabideen onguSihlal­o wePansalb, osiphethe kwesobunxe­le
Isithombe:ZANELE ZULU/ANA ISILO Samabandla uGoodwill Zwelithini siphonsele inselelo uNgqongqos­he wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mshengu ukuthi kufakwe imali yokuthenga isichazama­zwi esethulwe izolo, esiphethwe uNksz Preetha Dabideen onguSihlal­o wePansalb, osiphethe kwesobunxe­le
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa