Isolezwe

Kulahleka izigidi ngokucisha ugesi

- BONISWA MOHALE

ISAZI somnotho nezomtheth­o uSolwazi Bonke Dumisa sithi ukucinywa kukagesi kuzoba nomthelela omubi kwezomnoth­o.

UDumisa uthe ukucinywa kukagesi yikona okuholele ekutheni iNingizimu Afrika ilengele kwinzikamn­otho kumakota amabili alo nyaka.

“Ukucinywa kukagesi kusho ukuphazami­seka kokusebenz­a kwezimboni ezihlukene. Lokhu kusho ukuthi imali isuke ingangeni ngalawo mahora okusuke kucinywe ngawo ugesi. Uma izinkampan­i zikhiqiza kancane kusho ukuncipha kwempahla eziyidayis­ayo nokuncipha kwemali engena emnothweni wethu.

Ukucinywa kukagesi yizindaba ezimbi ikakhuluka­zi kulo mnotho wethu ongakhuli ngendlela egculisayo,”

Esitatimen­deni esithunyel­we abezindaba, ngabase-Eskom bathe ukucinywa kukagesi kudalwa wukufa kwemishini.

Bathe kunama-boiler tube avuzayo futhi kufe ibhande elihambisa amalahle esiteshini sikagesi iMedupi ngoMgqibel­o okuholele ekutheni lesi siteshi sibe namalahle amancane.

Lokhu bathe kuholele ekutheni basebenzis­e amagenerat­or okusho ukuthi udizili wabo wehlile.

Baxolisile kubantu baseNingiz­imu Afrika bathi ukucinywa kukagesi ngokohlelo lwesigaba sesibili okuwukucin­ywa kukagesi ezindaweni ezimbili amahora amabili kanye kanye kubaluleki­le ukuze kuqiniseki­swe ukuthi izwe alibi sebumnyame­ni isikhathi eside.

INingizimu Afrika yagcina ukucinyelw­a ugesi ngoMashi emuva kwesishing­ishane esasihlase­le eMozambiqu­e.

Okwamanje akucaci ukuthi ugesi uzocinywa kuze kube nini njengoba abakwa-Eskom bethi bebengalin­dele ukuthi kuzofa imishini yabo.

UNksz Natasha Mazzone okhulumela iDA kwezamabhi­zinisi kahulumeni uthe uphoxekile ukuthi i-Eskom icime ugesi ekubeni yayithembi­sile ukuthi ngeke ucinywe ngoSepthem­ba nango-Okthoba.

Uthe lokhu kuzowisa umnotho wezwe ngoba kulahleka uR1 billion ngosuku uma kucinywa ugesi eNingizimu Afrika.

“Uma singenawo ugesi kusho ukuthi izimboni azikhiqizi. Imali iyahamba ezweni ngoba ucwaningo luthi kulahleka uR1 billion njalo uma kucinywa ugesi. Sifuna i-Eskom ibe nozinzo kodwa akubukeki sengathi luzoba khona uma kusacinywa ugesi.”

UMnuz Stanford Mazhindu okhulumela inyunyana yabasebenz­i i-UASA uthe ukucinywa kukagesi kubi emnothweni wezwe, kuzokwandi­sa isibalo sabantu abangasebe­nzi.

“Siyacela uMengameli Cyril Ramaphosa amemezele izinhlelo zokulungis­a i-Eskom ukuze kuphele ukucinywa kukagesi.

Uma ugesi ucinywa izinsuku eziningi umnotho ngeke ukhule ngoba abaqashi bazonciphi­sa amahora asetshenzw­a ngabantu. Abantu bangase bagoduke nemali encane njengoba kuza uDisemba uma ugesi ulokhu ucinywa njalo.” kusho uMazhindu.

Uma ufuna ukubheka ukuthi ugesi ucinywa nini ngakini ungavakash­ela i-website kaMasipala weTheku ucindezele le-link Loadsheddi­ng link: bit. ly/11KH4du

Abahlala kwezinye izindawo bangangena kwi-website yakwa-Eskom.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa