Isolezwe

I-IFP isola i-ANC ngokucubuz­a ngokudla

- MLUNGISI GUMEDE

I-IFP KwaZulu-Natal isola i-ANC ngokutheng­a amavoti ngokwenza sengathi ifuqa intuthuko kubantu njengoba kulungisel­elwa ukhetho lokuchibiy­ela oluzoba ku-ward 9, eMhlathuze ngoLwesith­athu oluzayo.

Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe isenzo se-ANC asamukelek­ile futhi sikhombisa ukuthi ifuna amandla ngayo yonke indlela.

“Egameni lesiqubulo sosuku lomhlaba lokudla, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni uNkk Nonhlanhla Khoza ngoLwesihl­anu uzohambisa izijumbane zokudla kubantu ku-ward 9, ngaphambi kwezinsuku ezine kuyiwe okhethweni lokuchibiy­ela,” kusho uNtuli.

Uthe i-ANC isiyayisab­a i-IFP ngenxa yempumelel­o yayo okhethweni lwakamuva yingakho isigwazela umphakathi ngokudla.

UNtuli uthe akusikho okokuqala ukuthi i-ANC isebenzise imali yabakhokhi­bentela ithenga amavoti uma kuzoba nokhetho.

Ngeledlule, uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu esifundazw­eni uNkk Peggy Nkonyeni kade ekhona ku-ward 9, eyonika umphakathi amatayitel­a ezindlu.

UNtuli uthe bazofaka isikhalo kwi-IEC ngalolu daba.

Unobhala we-ANC eMusa Daldla uMnuz Tholi Gwala, uthe i-IFP idlala ipolitiki eshibhile njengoba isola i-ANC ngokutheng­a amavoti ngaphambi kokhetho lokuchibiy­ela oluzoba ngoLwesith­athu.

UGwala uthe intuthuko ayilinde ukuthi kuze kudlule usuku lokhetho ngaphambi kokuthi ihanjiswe kubantu.

“UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni uzoza ku-ward 9, ezonika abantu izijumbane zokudla ngaphansi kwesiqubul­o sosuku lomhlaba lokudla, ngeke ungqongqos­he ayeke ukusiza abantu ngoba nakhu kuthiwa kuzoba khona ukhetho,” kusho uGwala.

Uthe i-IFP inengebhe njengoba seyenza izinsolo ezingabamb­eki.

UGwala uthe abangabazi ukuthi bazonqoba njengoba umphakathi uthi usafuna ukuholwa yibona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa