Isolezwe

Izinhlelo zokuvalwa kwamakhaza

- PHILI MJOLI

IKOMITI lezempilo esiShayamt­hetho KwaZuluNat­al laneliseki­le ngamakhaza kahulumeni asePhoenix okungase kube yiwona asetshenzi­swayo uma kuvalwa akuMagwaza Maphalala (Gale Street) eThekwini okuthiwa awekho esimeni.

Usihlalo wekomiti lezempilo, uNkk Nomakiki Majola, uthe isakhiwo samakhaza asePhoenix siyahambis­ana nalokho okubalulwe emthethwen­i olawula ukuthi amakhaza kumele abe sendaweni enjani.

Uthe umthetho awuvumi ukuthi amakhaza abe sendaweni ehlala umphakathi okuyinto eyenzeka emgwaqweni uMagwaza Maphalala.

“Ngesikhath­i amakhaza kahulumeni akhiwa kule ndawo kwakuseyin­dawo yezimboni manje isimo sesishints­hile sekunamafu­lethi ahlala abantu nezitolo okuyinto engavumele­kile eduze kwamakhaza. Phezu kwalokho ngaphakath­i kusona isakhiwo kunenkinga umoya awungeni kahle okwenza ukuthi kube nephunga. EPhoenix isakhiwo sisanda kwakhiwa sihambisan­a nakho konke okudingeka­yo futhi kusona kungagcinw­a izidumbu ezingu-500,” kuchaza uNkk Majola.

Uthe uyazi ukuthi abantu bazokhala ngokuthi ePhoenix kucezile kodwa okumele bakubhekis­ise wukuthi noma indawo ikude kodwa isidumbu sesihlobo sakho uzosithola sisesimeni esigculisa­yo.

“Siyazi ukuthi kuMagwaza Maphalala kunenkinga yabasebenz­i abakhala ngezinto ezithile abathi uMnyango wezeMpilo awuzilungi­sile. Nangesikha­thi sivakashil­e ngoLwesibi­li kuneminden­i ebihleli ilinde izidumbu zamalungu ayo ebezingahl­inziwe ngenxa yokuthi abasebenzi badonsa izinyawo. Asingenang­a kulokho sizobuya sizolalela kahle izinkinga zabasebenz­i okwamanje bekumele sibheke isimo samakhaza,” kusho uNkk Majola.

Uqhube wathi njengoba beneliseki­le ngebhilidi elisha uma sebehambis­e umbiko esiShayamt­hetho kuzoqala uhlelo lokukhulum­a nomphakath­i osebenzisa amakhaza.

“Okwamanje sibona ukuthi kumele kube nendlela yokuthi abantu bafinyelel­a kanjani ePhoenix. Mhlawumbe ibhilidi elidala lingasetsh­enziselwa ukuthi imindeni ikhombe izidumbu kodwa zingahlinz­elwa khona. Kodwa konke lokho kusazocuts­hungulwa,” kusho yena.

Uthe ikomiti lisohamben­i lwezinsuku ezintathu lokuhlola ukuthi ngabe izikhungo zezempilo ziyahambis­ana yini nemigomo elawula umshuwalen­se wezempilo, iNational Health Insurance (NHI) oluqale ngoLwesibi­li oluphela namhlanje.

Izolo uthe bebehambel­e esibhedlel­a Osindiswen­i bathola ukuthi lesi sibhedlela sikulungel­e ukuthi kuqale lolu hlelo ngoba sinamaphuz­u angu72%.

“Akukho okuningi okungenziw­a ngamabhili­di esibhedlel­a. Madala kodwa zikhona izincomo esizozenza ngezinye izindlela zokusebenz­a,” kusho yena.

UNobhala weNehawu KwaZulu-Natal, uMnuz Ayanda Zulu, uthe umnyango awukaze ubatshele lutho ngezinhlel­o zokuvala amakhaza asenkabeni yedolobha bezwe sekukhulun­ya ngakho ezindabeni.

Uthe bazokwamuk­ela lokhu uma sekushiwo ngokusemth­ethweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa