I-NECT nohlelo lokufunda izincwadi
UZOKHUTHAZA izingane ukuthi zifunde izincwadi ngokuqonda umkhankaso oholwa usomabhizinisi wakuleli, ozonxenxa nabanye ukuthi balekelele ekuthuthukiseni isiko lokufunda.
UDkt Sizwe Nxasana ongusomabhizinisi onesikole esizimele eGoli, ungomunye wabahola umkhankaso weNational Reading Plan owenziwa yiNational Education Collaboration Trust (NECT), ozokwethulwa ngenyanga ezayo. Lo mkhankaso ozokhuthaza nokuvulwa kwamaReading Club emiphakathini, uhlose ukubuyisa uthando lokufunda izincwadi ezinganeni nakubo bonke abantu.
Ekhuluma neSolezwe uNxasana uthe bazocija ngisho othisha ukuthi bangazifundisa kanjani izingane ukuze zifunde ngokuqonda. Uthe uyakhathaza umbiko wango-2016 oveze ukuthi bangu-78% abafundi bakwaGrade 4 abangakwazi ukufunda.
“Sihlose ukuthi lo mkhankaso siwethule ngenyanga ezayo ukuze uma kuvulwa izikole ngonyaka ozayo ube ususebenza. Sithole ukuthi nabo othisha babhekene nenselelo yokuthi abazi ukuthi izingane bangazifundisa kanjani ukufunda ngokuqonda. Yingakho nabo sizobaqeqesha kulolu hlelo,” echaza.
Uthe okubulala isiko lokufunda izincwadi ukuthi azisatholakali kalula, ezindaweni zasemakhaya ayikho imitapo yolwazi. Uveze ukuthi bazosebenzisana nosombhizinisi ukuze banikele ngemitapoyolwazi nangezincwadi ukukhuthaza ukufunda. UNxasana uthe bakhuthaza nokuthi ababhali bezincwadi babhale ngezilimi zesintu. Uthe bazokweseka nezinhlangano zababhali obekunzima ukuphusha lo mkhankaso zisebenza ngazodwana.
“Uhulumeni eyedwa ngeke akwazi ukuthuthukisa ukufunda. Imitapoyolwazi iyashoda kodwa uhulumeni akakwazi ukwakha zonke izindawo. Yilapho kudingeka khona osomabhizinisi ukuthi banikele ukwakha imitapoyolwazi,” kusho uNxasana.
Uthe kulo mkhankaso bazocwaninga nezindlela ezingaheha izingane ukuthi zithande ukufunda. Yize kukhuthazwa ezobuchwepheshe nezincwadi esezifundwa ngeinternet, uNxasana uthe kumele kuqhakanjiswe ukufundwa kwezincwadi kuqala.
Ukhale ngokubukelwa phansi kwababhali, athe kumele ngabe bayakwazi ukuziphilisa ngakho.
“Kunezitolo ezenza imali ngokudayisa izincwadi kodwa ababhali bathole imali encane ngomsebenzi wabo. Lo mkhankaso uzobheka zonke lezo zinto,” kusho yena.
I-NECT isineminyaka eyisihlanu isebenzisana nezinye izinhlaka ngaphezu kwezikole ezingu-70% kuleli. Isebenza noMnyango wezeMfundo eyiSisekelo, abazali, izinhlangano ezizimele nezinkampani zosomabhizinisi abazimele.