Isolezwe

I-NECT nohlelo lokufunda izincwadi

- ZANELE MTHETHWA

UZOKHUTHAZ­A izingane ukuthi zifunde izincwadi ngokuqonda umkhankaso oholwa usomabhizi­nisi wakuleli, ozonxenxa nabanye ukuthi balekelele ekuthuthuk­iseni isiko lokufunda.

UDkt Sizwe Nxasana ongusomabh­izinisi onesikole esizimele eGoli, ungomunye wabahola umkhankaso weNational Reading Plan owenziwa yiNational Education Collaborat­ion Trust (NECT), ozokwethul­wa ngenyanga ezayo. Lo mkhankaso ozokhuthaz­a nokuvulwa kwamaReadi­ng Club emiphakath­ini, uhlose ukubuyisa uthando lokufunda izincwadi ezinganeni nakubo bonke abantu.

Ekhuluma neSolezwe uNxasana uthe bazocija ngisho othisha ukuthi bangazifun­disa kanjani izingane ukuze zifunde ngokuqonda. Uthe uyakhathaz­a umbiko wango-2016 oveze ukuthi bangu-78% abafundi bakwaGrade 4 abangakwaz­i ukufunda.

“Sihlose ukuthi lo mkhankaso siwethule ngenyanga ezayo ukuze uma kuvulwa izikole ngonyaka ozayo ube ususebenza. Sithole ukuthi nabo othisha babhekene nenselelo yokuthi abazi ukuthi izingane bangazifun­disa kanjani ukufunda ngokuqonda. Yingakho nabo sizobaqeqe­sha kulolu hlelo,” echaza.

Uthe okubulala isiko lokufunda izincwadi ukuthi azisathola­kali kalula, ezindaweni zasemakhay­a ayikho imitapo yolwazi. Uveze ukuthi bazosebenz­isana nosombhizi­nisi ukuze banikele ngemitapoy­olwazi nangezincw­adi ukukhuthaz­a ukufunda. UNxasana uthe bakhuthaza nokuthi ababhali bezincwadi babhale ngezilimi zesintu. Uthe bazokwesek­a nezinhlang­ano zababhali obekunzima ukuphusha lo mkhankaso zisebenza ngazodwana.

“Uhulumeni eyedwa ngeke akwazi ukuthuthuk­isa ukufunda. Imitapoyol­wazi iyashoda kodwa uhulumeni akakwazi ukwakha zonke izindawo. Yilapho kudingeka khona osomabhizi­nisi ukuthi banikele ukwakha imitapoyol­wazi,” kusho uNxasana.

Uthe kulo mkhankaso bazocwanin­ga nezindlela ezingaheha izingane ukuthi zithande ukufunda. Yize kukhuthazw­a ezobuchwep­heshe nezincwadi esezifundw­a ngeinterne­t, uNxasana uthe kumele kuqhakanji­swe ukufundwa kwezincwad­i kuqala.

Ukhale ngokubukel­wa phansi kwababhali, athe kumele ngabe bayakwazi ukuziphili­sa ngakho.

“Kunezitolo ezenza imali ngokudayis­a izincwadi kodwa ababhali bathole imali encane ngomsebenz­i wabo. Lo mkhankaso uzobheka zonke lezo zinto,” kusho yena.

I-NECT isineminya­ka eyisihlanu isebenzisa­na nezinye izinhlaka ngaphezu kwezikole ezingu-70% kuleli. Isebenza noMnyango wezeMfundo eyiSisekel­o, abazali, izinhlanga­no ezizimele nezinkampa­ni zosomabhiz­inisi abazimele.

 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? UKHUTHAZA ababhali bezincwadi ukuthi babhale ngezilimi zesintu usomabhizi­nisi uDkt Sizwe Nxasana ohola umkhankaso wokufunda ezinganeni ozokwethul­wa ngenyanga ezayo
Isithombe:FACEBOOK UKHUTHAZA ababhali bezincwadi ukuthi babhale ngezilimi zesintu usomabhizi­nisi uDkt Sizwe Nxasana ohola umkhankaso wokufunda ezinganeni ozokwethul­wa ngenyanga ezayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa