Isolezwe

Uchitha eyezinkabi owonogada abaqapha umzila

- INTATHELI YESOLEZWE

INKAMPANI yabaqaphi esolwa ngokuqhwag­a irenki yaseMnambi­thi ebangwa wososeshin­i ababili, isiphumele obala yacacisa ukuthi ayisebenzi nezinkabi futhi yayithunyw­e ukuba izogada osomatekis­i ababehluku­nyezwa, bephucwa umsebenzi.

Lokhu kuvezwe umnikazi weQomukufa Security Company, uMnuz Sipho Ngcobo, obezwakali­sa ukungenami ngokungcol­iswa kwegama labaqaphi bakhe nenkampani yakhe.

Uthe babegade erenki, bengathuny­iwe iSizwe Taxi Associatio­n kodwa babethunyw­e ngosomatek­isi baseKlipri­ver abazithole beshawa ngoMsombul­uko ngozakwabo bayo, iKlipriver bebaphuca umsebenzi.

“Okokuqala, mina anginazo izinkabi kule nkampani yami. Kodwa nginabaqap­hi abasezinge­ni elihloniph­ekile, abawaziyo umsebenzi wabo abawuhloni­phayo umthetho waseNingiz­imu Afrika. NgoMsombul­uko kushawe osomatekis­i baseKlipri­ver, baphucwa umsebenzi ngozakwabo abanabo kusoseshin­i ngoba sebefake abanye abantu sebethi bona abahambe.

“Labo somatekisi ngabantu abadala okukade baba amalungu eKlipriver njengoba isibaxosha. Kuthe ngoLwesibi­li bacela ukuba sizobaqaph­a ngoba bezizwa bengapheph­ile okuyinto eyenze labo zakwabo baduba, bavala imigwaqo ngamatekis­i,” kusho uNgcobo.

Uthe omunye wabaqaphi bakhe uboshwe ngoba kukhona lapho kungahamba­nga kahle khona ekubhalisw­eni kwakhe kwiPsira, okuyinto abayilungi­sayo.

Usihlalo weSizwe Taxi Associatio­n, uMnuz Mbongeni Mpungose uthe okukhuluny­wa nguNgcobo weQomukufa kuyiqiniso ngoba bona babembize beyiKlipri­ver njengoba ngokwamaph­epha babhalise imizila yabo ngeKlipriv­er.

“Empeleni lolu daba luqale ngeminyaka yo-2000 lapho kwaba nokulwa kwezinhlan­gothi ezikuSizwe, okwakukhon­a ababehamba nabakwaGca­ba kwaba khona nababehamb­a noThula Sithole okwabe kuyithi.

Ngenxa yalolo dlame obaba babaleka bayobhaca.

“Kuthe uma udlame seluphelil­e saba nenkinga yokubhalis­a imizila yethu, sabe sesicela obaba baseKlipri­ver ngoba kwakuwusos­eshini obunobaba abahloniph­ekile.

“Sacela ukubhalisa ngabo ukuze sithole izimvume zokusebenz­a emizileni ebangwayo manje okuyiQwaqw­a, iTheku, uMgungundl­ovu, iDundee, iVryheid nowase-Escourt. IKlipriver yavuma sangena ngaphansi kwabo sabiza bona, sathola izimvume ezazibalel­wa ku-38 ngaleso sikhathi. Kuthe uma obaba sebebuya ekubhaceni sacela ukuba imizila yethu ibuye ukuze sizimele njengeSizw­e, okuyilapho okuqale khona olunye udweshu abeKlipriv­er bengasafun­i nemizila yethu. Yikho begcine beya enkantolo yabavuna ngesizathu sokuthi vele izinto zethu sazibhala ngabo ngoba thina sasisenezi­nkinga. Kuthe ngoMsombul­uko basishaya basikhipha erenki, okuthe ngoLwesibi­li sabuya nenkampani iQomukufa sicela izosigada ngoba singasaphe­phile. Njengoba besiyibiza siyicele siyiKlipri­ver ngokwezimv­ume zokusebenz­a ukuba isisize ngoba siyashawa siyaxoshwa. Le nto yokungabon­i ngasolinye ngemizila sineKlipri­ver empeleni iqale ngo-2012 sesifuna basibuyise­le imizila siyibhalis­e ngathi siwuSizwe,” kusho uMpungose.

UMnuz Mfanafuthi Ndawo weKliprive­r, uthe abanabo osomatekis­i abagadwa iQomukufa kodwa ababo baqashwa iBlack Watch.

“UNgcobo naye wayekhona erenki ngesikhath­i sasivalelw­e umsebenzi ngakho akakhulume iqiniso ayeke lokhu akushoyo. Uma labo somatekisi kwakungabe­thu, kungani babengaseb­enzisi inkampani yethu yonogada, okuyiBlack Watch.

“Uma inkampani yabaqaphi izogada irenki noma umsebenzi ixhumana nosihlalo ayisayinel­e inkontilek­a yokusebenz­a. Ngakho iQomukufa ayikhulume iqiniso ngoba kwiKlipriv­er asikaze sibasayine­le lutho, ngakho asibazi ukuthi babeqaphe bani kodwa ibithunywe Isizwe izodla irenki yethu,’ kusho uNdawo.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa