Isolezwe

Ithathwe ngesinxele eyomfana oshile owaxoshwa esikoleni

-

NGOLWESIBI­LI sibike ngomfana oneminyaka eyisithuph­a oseneminya­ka emibili exoshiwe esikoleni abefunda kuso ngoba kuthiwa washaya izingane ayefunda nazo ezazimgcon­a ngokusha kwakhe ebusweni.

Unina womfana uxhumane nephephand­aba ngoba engasazi ukuthi kumele enze njani njengoba ingane yakhe ibhuquza ekhaya.

Ngokusho kukanina womfana, uthishanhl­oko wesikole ayefunda kuso wambhalela incwadi ethi kunengane ethi isiyesaba ukuza esikoleni emuva kokushaywa yingane yakhe nokuyingak­ho yaxoshwa.

Imizamo yokutholel­a umfana isikole kulo nyaka ibhuntshil­e ngoba izikole abaxhumana nazo zazithi abazame isekethe asebegqigq­e kuyo kungalungi.

Kuyilungel­o layo yonke ingane yaseNingiz­imu Afrika ukuthi ifunde futhi kwenzeke lokhu endaweni ephephile. Okwenzeka kulo mfana kuyalicind­ezela leli lungelo futhi kubambezel­a impilo yakhe.

Siyakuqond­a ukuthi umfana wona ngokuthi athi uma egconwa aphendule ngokushaya kodwa ingane eneminyaka eyisithuph­a lena esadinga ukufundisw­a ukuhlukani­sa okuhle nokubi.

Kanjalo nabo abantwana ababemgcon­a babengaqon­dile okubi njengoba nabo beyizingan­e futhi nabo besadinga ukucathuli­swa.

Uvele lo mfana uthwele kanzima njengoba ezibona ehlukile kwabanye njengoba eshile. Kodwa abantu abamenzela phansi lapha ngabantu abadala ikakhuluka­zi othisha nothishanh­loko wesikole axoshwe kusona.

Kwakungame­le uthishomkh­ulu avele abhale incwadi axoshe umntwana kodwa kwakumele akhulume nomzali womntwana kanjalo nabazali babanye abantwana ababethint­eka kulolu daba.

Leli kwakuyithu­ba lokuthi bafundise izingane ukuthi bakhona abantu ehlukile indlela ababukeka ngayo ngenxa yezizathu ezehlukene bazifundis­e ukuba nozwelo nothando nanoma ngabe umuntu uhlukile.

Kuyichilo ukuthi umuntu onguthisho­mkhulu akhombise ukungavuth­wa kanjena ngokomqond­o.

Le ngane kufanele ngabe izoqala uGrade 1 ngonyaka ozayo kodwa isiphuthel­we ukulungise­lela leli banga njengoba ibibhuquza ekhaya. UMnyango wezeMfundo awusukume ulungise lesi simo. Akwamukele­kile ukuhlukuny­ezwa kwezingane ezikoleni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa