Ithathwe ngesinxele eyomfana oshile owaxoshwa esikoleni
NGOLWESIBILI sibike ngomfana oneminyaka eyisithupha oseneminyaka emibili exoshiwe esikoleni abefunda kuso ngoba kuthiwa washaya izingane ayefunda nazo ezazimgcona ngokusha kwakhe ebusweni.
Unina womfana uxhumane nephephandaba ngoba engasazi ukuthi kumele enze njani njengoba ingane yakhe ibhuquza ekhaya.
Ngokusho kukanina womfana, uthishanhloko wesikole ayefunda kuso wambhalela incwadi ethi kunengane ethi isiyesaba ukuza esikoleni emuva kokushaywa yingane yakhe nokuyingakho yaxoshwa.
Imizamo yokutholela umfana isikole kulo nyaka ibhuntshile ngoba izikole abaxhumana nazo zazithi abazame isekethe asebegqigqe kuyo kungalungi.
Kuyilungelo layo yonke ingane yaseNingizimu Afrika ukuthi ifunde futhi kwenzeke lokhu endaweni ephephile. Okwenzeka kulo mfana kuyalicindezela leli lungelo futhi kubambezela impilo yakhe.
Siyakuqonda ukuthi umfana wona ngokuthi athi uma egconwa aphendule ngokushaya kodwa ingane eneminyaka eyisithupha lena esadinga ukufundiswa ukuhlukanisa okuhle nokubi.
Kanjalo nabo abantwana ababemgcona babengaqondile okubi njengoba nabo beyizingane futhi nabo besadinga ukucathuliswa.
Uvele lo mfana uthwele kanzima njengoba ezibona ehlukile kwabanye njengoba eshile. Kodwa abantu abamenzela phansi lapha ngabantu abadala ikakhulukazi othisha nothishanhloko wesikole axoshwe kusona.
Kwakungamele uthishomkhulu avele abhale incwadi axoshe umntwana kodwa kwakumele akhulume nomzali womntwana kanjalo nabazali babanye abantwana ababethinteka kulolu daba.
Leli kwakuyithuba lokuthi bafundise izingane ukuthi bakhona abantu ehlukile indlela ababukeka ngayo ngenxa yezizathu ezehlukene bazifundise ukuba nozwelo nothando nanoma ngabe umuntu uhlukile.
Kuyichilo ukuthi umuntu onguthishomkhulu akhombise ukungavuthwa kanjena ngokomqondo.
Le ngane kufanele ngabe izoqala uGrade 1 ngonyaka ozayo kodwa isiphuthelwe ukulungiselela leli banga njengoba ibibhuquza ekhaya. UMnyango wezeMfundo awusukume ulungise lesi simo. Akwamukelekile ukuhlukunyezwa kwezingane ezikoleni.