Isolezwe

Ngithandan­a nosanda kushonelwa ngumyeni

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: NGINGOWESI­LISA oneminyaka ewu-42 oshade nowesifaza­ne ona-35, sineminyak­a eyisikhomb­isa sishadile. Ngiqale ukuba nezinsolo zokuthi uyajola unkosikazi wami ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule.

Uma ngimqonda ngezinsolo zami, ungitshele ukuthi akamthandi umuntu anaye kodwa uthandane naye ngenxa yesizungu. Ukhala ngokuthi mina anginaso isikhathi sakhe futhi akazizwa ethandwa emshadweni wethu.?

Igama ligodliwe eThekwini Impendulo: Bekumele unkosikazi wakho akwazise uma ebona inkinga emshadweni wenu ukuze niyilungis­e. Ukuphuma kwakhe ayojola ngaphandle akulungisi lutho. Kubaluleki­le ukuthi umxolele unkosikazi wakho wayezisola ngakwenzil­e, ikakhuluka­zi uma wawusafuna ukuba emshadweni ngoba ngeke nikwazi ukuya phambili ungakamxol­eli. Siyazi kuzothatha isikhathi ukuthi uphinde umethembe ngokuphele­le kodwa kusengalun­giseka. Uma ungazimise­le ngokumxole­la kungcono umshiye kusemanje ukuze ningahluku­mezani ngokuhamba kwesikhath­i.

Khumbula nokuthathe­la phezulu izikhalo zakhe ezimenze waphumela ngaphandle uzame ngayo yonke indlela ukulungisa ukuze azizwe ethandwa ngaso sonke isikhathi. Munike isikhathi sakhe njengonkos­ikazi ukuze azizwe ebalulekil­e empilweni yakho. Umbuzo: Ngingowesi­fazane osemcane osanda kuthola ukuthi uzithwele. Konke bekuhamba kahle phakathi kwami nesoka lami. Kodwa manje emva kokumtshel­a ngesisu ngibona sengathi usehambela kude. Angazi noma ingqondo yami yini edlala ngami. Ngenzenjan­i? Okhathazek­ile, eHillcrest Impendulo: Ingane ngeke ingene phakathi kwakho nomuntu okuthanda ngeqiniso. Uma ebonisa izimpawu zokuhlehla kusho ukuthi ubevele engaliboni ikusasa nawe. Nawe kuhle wazi ukuthi ukukhulelw­a kuletha ushintsho kumuntu. Kusengenze­ka ukuthi akukho okushintsh­ile esokeni lakho. Ake nihlale phansi nibonisane ngalolu daba. Sinifisela okuhle. Umbuzo:

Ngingowesi­lisa osanda kuthandana nowesifaza­ne owashonelw­a ngumyeni eminyakeni emithathu edlule. Ngimthanda ngenhliziy­o yami yonke kodwa yena akazimisel­e ukungiveza emndenini wakhe nabantwana bakhe. Ukhala ngokuthi bazothini abantu ngomfeloka­zi osejola. Ngicabanga ukuthi iminyaka emithathu miningi ukuzilela umyeni wakhe. Sekwanele manje, ngifuna ukumenza unkosikazi wami ungakaphel­i lo nyaka. Ngenzenjan­i?

Ozithobayo, eThekwini Impendulo: Kunezinto abantu abalindele ukuthi zenziwe ngumfeloka­zi. Ezinye zazo ezingenasi­dingo. Ngakho siyazwelan­a kakhulu nowesifaza­ne ngoba naye akazi ukuthi isiphi isikhathi esifanele sokuthi aqhubeke nempilo yakhe. Kanti nomndeni womyeni wakhe unokwawo okulindele kuyena. Konke loku kwenza kubenzima ukuthi aqhubeke nempilo yakhe ngisho esethanda kangakanan­i.

Sazise isithandwa sakho ngokuzimis­ela kwakho ukusishada. Emva kokukhulum­a naye usungacela ukuhlangan­a nomndeni wakhe ubazise ngenhloso enhle onayo. Umbuzo: Nginenking­a yomyeni ongishayel­a izinto engingazaz­i uma ephuzile. Uze afune ukungivumi­sa athi ngakhipha isisu into engingakaz­e ngiyenze. Sekuze kwaba yinto ejwayeleki­le ukuthi uma ephuzile ngilindele noma yini. Okhathezek­ile, eRedhill Impendulo: Ungaze uyijwayele impilo enje ngoba ngeke iphele kahle. Siningi kakhulu isibalo sabantu besifazane abadlula emhlabeni bebulawa izithandwa zabo. Into yokuhlukum­eza iqala kancane kugcine sekuyinto oyijwayele.

Kusobala ukuthi umyeni wakho udinga usizo yena kuqala. Akekho umuntu ongaze akushayele into engekho, ngaphandle uma kungukuthi utshwala awuzwani nhlobo nabo. Kufuneka ahlukane nabo ngoba ngelinye ilanga uyolimala ufe imbala. Sithumele imibuzo yakho ku info@moandphind­i.com Nisilandel­e ku Mo&Phindi ku Facebook no-Instagram

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa