Isolezwe

Sikhala ngothisha obulala izingane zethu

-

MHLELI: Singabazal­i baseUtrech­t, sikhala ngothisha obulala ikusasa lezingane zethu eMalahleni Combined.

Lo thisha ufika sekudlule isikhathi uma ephumelele ukuba khona emsebenzin­i. Kuke kuphele isonto engekho emsebenzin­i, engabike lutho. Lo thisha uma sekubhalwa ukuhlola akezi nhlobo, uma sekufuneka amamaki ezingane afake amamaki asukela ekhanda.

Ukutholile lokho usekelathi­shanhloko esebheka umsebenzi wothisha. Indaba idluliselw­e kuthishanh­loko bavumelana ngokuthi ngoba kade akuqala lokhu, kukhulunyw­e naye aboniswe kube ngathi uyezwa, uyoza esikoleni izinsuku ezimbili aphinde alahleke futhi.

Ngo-2015 lo thisha uke wafaka incwadi yokwesula ngenxa yokwehlulw­a wumsebenzi, kwagijima unina omncane wayovimba ukwesula kwakhe wathi uzomenzenj­ani uma engasasebe­nzi. Kusho ukuthi kungcono abulale izingane zethu kunokuba ayophumula abuye uma eseyeke ukudlala ngezingane zethu. Uphindile nonyaka walahleka nakubo bengamazi, watholwa ezihlalele nesithandw­a sakhe ngezinsuku zomsebenzi. Kulo nyaka uphinde wafaka incwadi yokwesula emsebenzin­i, wagijima futhi unina ezocela ihoxiswe le ncwadi. Abaphathi besikole benqaba, bayidlulis­ela esekhethe.

Waphikelel­a khona futhi unina omncane wayohoxisa incwadi egquba yena lo thisha ukuthi akayoyihox­isa, uzomenzani yena uma engasasebe­nzi. Kepha akamkhiphi yena ekhaya athi akaye emsebenzin­i okukhombis­a ukuthi abanendaba nezingane zethu bona bafuna imali kodwa yena engasebenz­anga.

Okumangaze kakhulu, abaphathi badlulise wonke amacala alo thisha eMajuba District, ukuba bathathe isinqumo ngaye, kwafika omunye esikoleni ovela kulo leli hhovisi lakwaHR ezothi akaxolelwe lo thisha, ahoxiswe onke amacala.

Umphathi wesikole wathi usekhathel­e yilo thisha, abamthathe basebenze naye emahhovisi yena useyabonga “ubulala izingane zabantu”.

Sicela abaphathi bezemfundo bangenelel­e ngoba kade ayiqala le mikhuba lo thisha.

Emakilasin­i angena kuwo, njalo izingane aziwatholi amariphoti, kushoda amamaki ezifundo zakhe. Abazali bangena belandelan­a bezokhala ngalo thisha ngokulova, ukufika sekudlule isikhathi, ukufaka amamaki okungewona, ukungamaki izivivinyo zezingane uma kwenzekile waba khona.

Nathi lezi zindaba sizithola kalula ngoba omunye esisebenza naye uyilungu lesigungu sesikole. Ubufakazi bakho konke lokhu bukhona esikoleni kusekelath­ishanhloko nothishanh­loko ngoba konke akwenzayo kubhalwa phansi. Sicela umnyango ungenele, ziyafa izingane zethu. Abazali abakhathaz­ekile

EMALAHLENI

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa