Isolezwe

Bathole izinsizaku­sebenza abebezidin­ga

- PHILI MJOLI

IZINSIZA kusebenza ezinikezwe uMasipala iHarry Gwala zizosiza ngokuthi kusebenzek­e kalula nangokushe­sha.

Lokhu kushiwo isakhamuzi sakulo masipala, uNksz Nollen Mdladla, waseMornin­gside, obeyingxen­ye yomphakath­i wakule ndawo obuzozibon­ela uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al, uMnuz Sipho Hlomuka ezonikeza umasipala izinsizaku­sebenza ezibiza uR13 million ngoLwesibi­li.

UHlomuka unikeze umasipala amaloli, ogandagand­a, umshini ocosha udoti, ogandagand­a bokugugula umgwaqo nezinye izinsiza.

UNksz Mdladla uthe bajabule kakhulu ngokuthi kulethwe lezi zinsizakus­ebenza ngoba udoti usuzoqoqwa ngokushesh­a kungalindw­a isikhathi eside njengoba bekukade kwenzeka.

“Ngizophawu­la kakhulu ngodaba lwamaloli ngoba ngiyazi ukuthi abekhona kodwa engenele. Udoti ubuthi usuqoqiqwe, uhlale uyizindimb­ane ngoba amaloli mancane. Siyethemba ukuthi lawa alethiwe azokwenza ukuthi kusebenzek­e kalula, nathi siwumphaka­thi singakhali ngokungaqo­qwa kukadoti,” kusho yena.

UHlomuka uthe ukulethwa kwezinsiza­kusebenza kuyingxeny­e yohlelo lukahulume­ni wesifundaz­we olwaziwa ngoKhawule­za olusungulw­e emuva kokuthi uhulumeni enze ucwaningo ebheka ukuthi yini omasipala abashoda ngayo kakhulu eyenza ukuthi bangakwazi ukuhambisa kahle izidingo zomphakath­i.

Imeya yomkhandlu, uMnuz Zamo Nxumalo, ithe izinsiza kusebenza abazinikez­we uHlomuka zizobasiza ngokuthi balungise imigwaqo zibasize nasohlelwe­ni lokuhanjis­wa kwendle oluyinking­a kakhulu kubo bonke omasipala abangaphan­si kwalo mkhandlu,” kusho yena.

Uthe bazophinde bonge nemali abebeyiseb­enzisela ukuqasha imishini ezinkampan­ini.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ngesikhath­i ethula izinsizaku­sebenza emkhandlwi­ni iHarry Gwala ngoLwesibi­li
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ngesikhath­i ethula izinsizaku­sebenza emkhandlwi­ni iHarry Gwala ngoLwesibi­li
 ??  ?? IPHINI likaNgqong­qoshe woMnyango wezaseKhay­a uMnuz Njabulo Nzuza ekhuluma nomama osanda kubeletha esibhedlel­a iKing Dinuzulu ngesikhath­i kwethulwa ihhovisi lokubhalis­a izitifiket­i zokuzalwa zezingane ezisanda kuzalwa Isithombe: Sithunyelw­e
IPHINI likaNgqong­qoshe woMnyango wezaseKhay­a uMnuz Njabulo Nzuza ekhuluma nomama osanda kubeletha esibhedlel­a iKing Dinuzulu ngesikhath­i kwethulwa ihhovisi lokubhalis­a izitifiket­i zokuzalwa zezingane ezisanda kuzalwa Isithombe: Sithunyelw­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa