Isolezwe

I-FNB nosizo kosomabhiz­inisi

- BONISWA MOHALE

ALIKHO ibhizinisi elincane okufanele liwe. Usho kanje uNkk Faye Mfikwe oyisikhulu esibhekele ezokukhang­isa eFNB ngesikhath­i ethula umkhiqizo omusha ohlomisa osomabhizi­nisi ngolwazi olubasiza ukukhulisa izinkampan­i zabo.

UNkk Mfikwe nozakwabo baseFNB bathule ngokusemth­ethweni i-App ebizwa ngeFundaba ehlose ukuqinisek­isa ukuthi osomabhizi­nisi abancane baba nalo lonke ulwazi abaludinga­yo.

“Senze ucwaningo sathola ukuthi osomabhizi­nisi abancane abawi ngoba bengenayo imali abanye basuke beswele ulwazi oluzothuth­ukisa izinkampan­i zabo. Njengoba amabhizini­si amancane kuyiwona adala amathuba omsebenzi amaningi sibone ukuthi asithule iFundaba okuyi-App enolwazi oludingwa wosomabhiz­inisi. Bazothola amavideo akhuluma ngokukhuli­sa izinkampan­i nokuthi baluthola kanjani usizo lwezimali.”

UMnuz Mike Vacy-Lyle oyisikhulu esiphezulu seFNB Business, uthe bahambele amalokishi ahlukene benza ucwaningo bathola osomabhizi­nisi bemikhakha ehlukene kusukela kwababhaka­yo kuya kwabakhand­a izimoto.

“Size neFundaba okuyiApp etholakala kwiBanking App yakwaFNB. Abantu bazothola ulwazi olunzulu kusukela kolokwenza uhlelo lwebhizini­si, ukukhulisa ibhizinisi nokuligcin­a lisebenza. Bazothola ama-video osomabhizi­nisi abahlukene asebedlule ezingqinam­beni eziningi. Bazothola namapodcas­ts neminining­wane ebhaliwe. Kunama-module awu-12 abhekelela izigaba ezine zebhizinis­i kusukela liqala, likhula, lisebenza nokuthi wenzenjani ukuthi ibhizinisi lakho lingawi,”

UMnuz Jesse Weinberg oyinhloko yeSME Segment kwaFNB Business, uthe ulwazi olukwiFund­aba lutholakal­a ngezilimi ezinhlanu okuyisiZul­u, isiXhosa, isiSuthu, isiNgisi nesiBhunu.

“Sicela abantu basebenzis­e iFundaba bese besitshela ukuthi ulwazi abaluthola­yo lushaya khona yini. Bekunzima ukutolika amatemu esiNgisi siwayise ezilimini zomdabu kodwa sitshale imali eningi sasebenzis­ana nezazi zolimi ukuze sinike abantu ulwazi oludingeka­yo. Ngesikhath­i senza ucwaningo kwavela ukuthi osomabhizi­nisi badinga ulwazi lokukhulis­a amabhizini­si abo, usizo lokungena ezimakethe bese kuba wusizo lwezimali. Abaningi badinga amakhono okusebenzi­sa imali abasuke sebexhaswe ngayo.”

UNkk Mfikwe uthe bazoqhubek­a nokuza nezinhlelo ezithuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane ngoba bayalwenza ucwaningo ngezidingo zosomabhiz­inisi basemakhay­a nabasemalo­kishini.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Faye Mfikwe obhekele ezokukhang­isa kwaFNB uthe bayaziqond­a izidingo zosomabhiz­inisi abancane ngoba yibona abadala amathuba omsebenzi amaningi
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Faye Mfikwe obhekele ezokukhang­isa kwaFNB uthe bayaziqond­a izidingo zosomabhiz­inisi abancane ngoba yibona abadala amathuba omsebenzi amaningi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa