Isolezwe

Abantu bakuleli bakweleta uR1.9 trillion

- BONISWA MOHALE

UCWANINGO lweNationa­l Credit Regulator luveza ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bakweleta uR1.9 trillion ezikweleti­ni ezehlukene yize umnotho wezwe ungakhuli kahle.

Lolu cwaningo lwekota yesibili yonyaka ephele ngoJuni, luveza ukuthi abantu bakweleta uR260 billion ngama-credit card, amakhadi asezitolo nama-personal loans.

Abakhokhel­a amabhondi bakweleta uR959 billion.

Luphinde lwaveza ukuthi abantu benza izikweletu ngisho beqeda ukuhola kwazise abanye banesikwel­etu salokho okubizwa ngepay day loan.

Kuvele ukuthi abantu bakweletel­wa ngendlela engahlelek­ile yize abaningi behluleka wukukhokhe­la izikweletu zabo.

Kuthiwa izikweletu ezintsha zinyuke ngo-5% zaya kuR134 billion.

Isazi somnotho se-Efficient Group, uMnuz Dawie Roodt sithe impilo yabantu baseNingiz­imu Afrika inzima ngoba u-59% wabo awusebenzi futhi ulala ungadlile.

Uthe isimo singase sibe sibi kakhulu uma izinhlanga­no eziklelisa amazwe ngomnotho zibeka iNingizimu Afrika kwinzikamn­otho.

Ukhale ngokuthi izinkampan­i zikahulume­ni zinezikwel­etu eziningi, okusho ukuthi uma uhulumeni ezama ukuyobolek­a imali ukhokhiswa inzalo eningi.

“Izindleko zezikwelet­u zikahulume­ni zidlulisel­wa kubantu. Abantu banezikwel­etu zabo. Uthola ukuthi sekufanele bakhokhe intela ephezulu ukuze kusizakale uhulumeni nezinkampa­ni zakhe,” kusho uRoodt.

UMnuz Mervyn Abrahams ongumgqugq­uzeli wePieterma­ritzburg Economic Justice and Dignity Project uthe abantu abaningi bathwele kanzima ngoba abakwazi ukuthenga ukudla okwanela imindeni yabo.

UMnuz Neil Roets, oyisikhulu esiphezulu seDebt Rescue udonse ngendlebe abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi bangalokot­hi badale izikweletu njengoba kuza iBlack Friday.

Uthe uma ungayibeka­nga imali yokukhithi­za endalini yeBlack Friday kuyacaca ukuthi awunayo imali yokukhithi­za kulo nyaka.

“Ucwaningo lwethu luveza ukuthi u-24.8% wabantu bathatha izikweletu ukuthi baphile nsuku zonke. Baye baboleke imali ukuze bathenge ukudla, ukuze babe nemali yokugibela nokuthi bakhokhe imali yesikole. U-43% wabantu uveze ukuthi u-50% womholo wabo uphelela ezikweleti­ni. Kuyacaca ukuthi abantu bacwile ezikweleti­ni. Siyacela bayeke ukukweleta ukudla ngoba wumkhuba omubi lona.”

Uthe baningi abantu abacela usizo lweDebt Rescue ngoba sebecwile ezikweleti­ni ngoba bakweleta uR1.9 trillion bese uhulumeni abe nesikwelet­u sikaR2.2 trillion.

Ukhale ngokuthi abantu basalele ngezinyang­a ezintathu ezikweleti­ni zabo zama-credit cards namakhadi asezitolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa