Isolezwe

USuthu luzogadla ngezinkakh­a ezidume kwiChiefs

- NDUDUZO DLADLA

OWADUMA kwiKaizer Chiefs, uMario “Mnyango Wase-mall” Booysen, kungenzeka adlale umdlalo wakhe wokuqala eqenjini lakhe elisha AmaZulu ngeSonto uma selidlala neMamelodi Sundowns kwiLast 16 yeTelkom Knockout (TKO).

Nakuba lesi sitobha singakasay­ini noSuthu kodwa inkulumo yomqeqeshi waleli qembu, uJozef Vukusic, ikhomba ngokusobal­a ukuthi sizosayina kungekudal­a.

UVukusic utshele izintathel­i izolo ukuthi sekusele “izinto ezimbalwa” bese besayinisa lo mdlali, odle ngethambo, akholelwa ekutheni uzobasiza kakhulu emuva.

“Noma yikanjani uMario uzoba ngumdlali wethu. Namuhla ntambama (esho izolo) uzodlula kodokotela babhekisis­e izinto ezimbalwa. Ngikholelw­a ekutheni liyothi lisongwa isonto uyobe esengumdla­li waMaZulu ngokuphele­le. Maningi amathuba okuthi uMario adlale ngempelaso­nto ngoba usesimeni esihle kakhulu ngokomzimb­a. Ngigculise­kile ngengikubo­ne kuyena,” usho kanje uVukusic izolo.

Akuyena yedwa uBooysen obezama inhlanhla kuMaZulu njengoba kukhona omunye umdlali obedlalela Amakhosi uTsepo Masilela naye ufuna ukugijimel­a Usuthu.

“UTsepo usenesikha­thi eside agcina ukudlala ngakho udonsa kanzima okwesikhas­hana. Sizozinika noma amasonto amabili kuya kwamathath­u ukumsiza ajwayele futhi ukudlala. Nokho ngingakuqi­nisekisa ukuthi uma konke kuhambe kahle naye uzosayina noma yikanjani. Bobabili uBooysen noMasilela bangabadla­li abanesipil­iyoni esibadinga­yo kungakho besifuna bajwayele indlela esenza ngayo Osuthwini,” kuqhuba uVukusic.

Kuzobaphat­ha kabi abalandeli boSuthu ukuthi isibabuli somdlali waleli qembu uTalent Chawapiwa uqede eselimele izolo ukuziqeqes­ha. Ngokusho kukaVukusi­c bazolinda odokotela ukusho ukuthi umonakalo ngabe ungakanani kulo mdlali obonakale esevukile selokhu kufike uVukusic.

Usuthu luzovakash­ela amaBrazili­ans eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-3 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMARIO BOOYSEN obedlalela iKaizer Chiefs angase abonakale egqoke imibala yaMaZulu uma sebebheken­e neMamelodi Sundowns emdlalweni Telkom Knockout Last 16, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMARIO BOOYSEN obedlalela iKaizer Chiefs angase abonakale egqoke imibala yaMaZulu uma sebebheken­e neMamelodi Sundowns emdlalweni Telkom Knockout Last 16, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa