Umthetho awuvumi abhekane neDowns
ISIKHULU seMamelodi Sundowns, uYogesh Singh, sicacisa ngokubuya komthetho ovimbela abadlali ababolekisiwe othi uma amaqembu abakuwo ebhekene namaBrazilians bangadlali.
Emasontweni edlule kube nokudideka ngesikhathi kuvela ukuthi umgadli uJeremy Brockie, obolekiswe kwiMaritzburg, ngeke adlale uma iSundowns ibhekene neTeam of Choice. Ngaleso sikhathi izikhulu zeSundowns zingene ezintanjeni zingafuni ukucacisa kwaze kwaba wusuku lomdlalo.
UBrockie ugcine engadlalanga kulo mdlalo we-Absa Premiership onqotshwe yiSundowns ngo 2-1.
Kumasizini ambalwa edlule usihlalo weSundowns, uPatrice Motsepe, uyivalile indaba yokunqabela abadlali abababolekisile ukuthi badlale uma bebhekene neqembu lakhe ngoba behola kulona.
Lokho kuvulele ithuba abadlali abafana noRodney Ramagalela noBongi Ntuli ukuthi bashaye amagoli ngesikhathi bebhekene neSundowns kodwa bengabadlali bayo.
“Kuyiqiniso ukuthi lo mthetho waqedwa kodwa kufanele ukuqonde ukuthi abadlali beSundowns bayabiza. Awamaningi amaqembu angakwazi ukubaholela.
“Ngakho wenzenjani uma kuyiSundowns eholela lowo mdlali kodwa ebolekiswe? Siwubuyisile kuBrockie ngoba iholo lakhe liphezulu futhi siyamkhokhela yize ebolekisiwe.
“Uzokhumbula ukuthi ngesizini edlule iMaritzburg kade siyiboleke uKeletso Makgalwa kodwa lo mthetho kade ungabekiwe ngoba neholo lakhe alifani nelikaBrockie,” kusho uSingh.
Ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokushintshana ngabadlali, baningi abadlali beSundowns abagcine libavalele ngaphakathi eChloorkop phezu kokuba bekade befuna ukubolekiswa. Kulaba badlali kukhona u-Aubrey Ngoma obekuthiwa ubheke kwiCape Town City.
UNgoma usale edangele ngalokhu kwazise ulizwa ngendaba ijezi kwiSundowns ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uPitso Mosimane. Kwayena uMosimane ubekade evumile ukuthi abadlali abafuna ukuhamba uzobadedela, inqobo nje uma ekhona amaqembu abafunayo.
“Indaba kaNgoma kuphele isikhathi kungakafinyelelwa esivumelwaneni. UJohn (Comitis) ungifonele iwindi lizovala ngakusasa. Khumbula ukuthi kade besanda kulahlekelwa nguGift Links abamdayise phesheya. Yingaleso sikhathi ababone ngaso ukuthi badinga umuntu ozovala isikhala sakhe, kwasho ukuthi isikhathi sesihambile. Imali eholwa abadlali beSundowns iyona eyenza amaqembu ahluleke ukubaboleka,” kusho uSingh.