Isolezwe

Ufuna okungaphez­u kokubekisa kweye-Afcon

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKAFUNI ukugcina ngokuzibek­isela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2021 ezokuba seCameroon, umqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki, kepha ufuna ukuwina iqoqo aqhathwe kulona neGhana, Sudan neSao Tome and Principe, aqede eqhulwini.

Ukubhuntsh­a kwemidlalo emibili (oweZambia noweMadaga­scar) obekufanel­e ibe ngeyokuqal­a kuNtseki, kuholele ekutheni oweMali abawunqobe ngo 2-1 kwiNelson Mandela Challenge, kube yiwona azibula ngawo.

Ukuqala kwakhe ngewini nokubazi ukusuka nokuhlala abadlali, kumbeka ethubeni elikahle lokufeza iphupho lakhe.

Ukuqhathwa kweBafana kuGroup C neGhana, Sudan neSao Tome and Principe, kwenza lo mqeqeshi akholwe wukuthi kukhona okukhulu angakwenza kuleli qoqo ngaphandle kokufaka iqembu lesizwe kwiAfcon eseCameroo­n maphakathi no-2021.

Njengoba iBafana isidlulile kowokuqala kaNtseki, sekubhekwe olandelayo neGhana ekuhambeni ngoNovemba 14 lapho kuyobe sekuqala khona ushikishi lokuziphen­dlela indawo kwi-Afcon elandelayo.

“Kufanele zishintshe izinto manje. Asiyeli kuleli qoqo ukuthi sibalwe namaqembu esizwe amabili azothola indawo kodwa siya nomqondo wokulidla iqoqo. Lesi sifiso sami sichaza ukuthi yonke imidlalo esizoyidla­la kusukela manje kuze kube uNovemba ka-2020, sizobe sidlalela ukunqoba. Uma kukhona lapho sizolahla khona amaphuzu kuzosho ukuthi ngeke silidle leli qoqo. Lokhu yikhona engifisa sifike nakho eCameroon. Ngaphandle kokuthi sizofika kwi-Afcon sinesithun­zi nendawo esiklelisw­e kuyona izobe isiphucuze­ke kakhulu,” kusho uNtseki.

Akazange akhombise ukuthuka kangako ngendlela iBafana edlale ngayo yize namanje kusakhulun­ywa ngendlela ekhombise ukubumbana ngayo. “Umphumela weMali muhle kodwa okumnandi kakhulu yindlela esiwuthole ngayo. Sithole lo mphumela ngaphandle kokuguqula indlela ebesihlele ukudlala ngayo. Lokhu kungiqinis­a idolo ngesifiso sami sokudla iqoqo,” kusho uNtseki. IBafana izobhekana neGhana ekuhambeni ngoNovemba 15. Kuzodlula izinsuku ezine bese uNtseki emukela iSudan e-Orlando Stadium. Kuzodlula izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e bese kuba yima kuphinda kubuya imidlalo yokuhlunga ngonyaka ozayo lapho iBafana izodlala khona kabili kulandelan­a, eduze neSao Tome ngoSepthem­ba, bese kuba ngoweGhana ekhaya ngo-Okthoba. Umdlalo wokusonga iqoqo uzoba ngoNovemba ka-2020 lapho iBafana izoya khona eSudan. Selulonke uhla lwemidlalo yeBafana yokuhlunge­la i-Afcon ka-2020 lumi kanje:

Ghana v South Africa (15 Novemba 2019)

South Africa v Sudan (19 Novemba 2019)

South Africa v Sao Tome ePrincipe (4 Septhemba 2020)

Sao Tome ePrincipe v South Africa (8 Septhemba 2020)

South Africa v Ghana (10 Okthoba 2020)

Sudan v South Africa (13 Novemba 2020)

 ??  ?? MOLEFI NTSEKI
MOLEFI NTSEKI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa