Isolezwe

UKaruru nengebhe ngeDowns kwiTKO

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHWISHI­KHWISHI saMaZulu FC esidabuka eZimbabwe, u-Ovidy Karuru, sisola ukuthi iKaizer Chiefs ibafake enkingeni ngokushaya iMamelodi Sundowns abazobheka­na nayo emdlalweni weLast 16 kwiTelkom Knockout (TKO) ngeSonto ngo-3 ntambama.

UKaruru uthe ukushaywa kwamaBrazi­lians kabuhlungu ngo 4-2 emdlalweni wesihle kwiShell Helix Ultra Cup ngempelaso­nto eyedlule, kungahumus­heka ngokuthi Abafana Ba Style bazofuna ukubhodlel­a Osuthwini.

“Bazobe befuna ukukhiphel­a isibhongo kithina ngoba bashaywe ngo 4-2 yiChiefs. Ngiyavuma ukuthi uPitso (Mosimane) wadlalisa abadlali abangajway­ele ukudlala kodwa bakhona abenze kahle. Lokhu kwenza ukuthi singazi ukuthi ngabe uzodlalisa bani ashiye bani kulo mdlalo. Ngiyazi abantu bathi bekuyisico­co esingasho lutho iShell Helix Ultra Cup kodwa ngiyaphika mina. Isicoco nesicoco siyafana nje noma ngabe umdlalo wesihle noma ngabe ngonjani. Futhi-ke eqenjini elifana neSundowns zonke izicoco zibaluleki­le,” kusho uKaruru izolo.

Abafana Ba Style sebevele bakhala bayazithul­isa njengoba sebeshwebe isicoco seMTN 8 abaphume kuyona kowandulel­a owamanqamu bekhishwa ngomkhaya iSuperSpor­t United.

Nakuba uMosimane enezinkulu­mo zokuthi usegaqele izindebe “ezinkulu” kodwa isicoco seMTN 8 yisona kuphela angakaze asinqobe ebholeni lakuleli, okusho ukuthi unesilonda.

“Emdlalweni womkhumula­jezi kungenzeka noma yini. Ngingakugc­izelela ukuthi siwulungis­elele umdlalo. Sifuna ukusebenzi­sa umdlalo ukubuyisa kahle ukuzethemb­a ngoba isimo esikusona kwi-log kasisihle neze. Ngakho sifuna ukusuka kule ndawo esikuyona, ukunqoba kwiSundown­s kungasisiz­a kakhulu ekutheni sizethembe kakhulu,” kuqhuba uKaruru. IBaroka FC iyona evikela isicoco seTKO. Ishaye i-Orlando Pirates kowamanqam­u sekukhahle­lwa amaphenath­i ngesizini edlule. Lokhu kwenza uKaruru woSuthu abe nokuzethem­ba ngaphambi kokubhekan­a nompetha be-Absa Premiershi­p ngeSonto.

“Uma lesi sicoco sinqotshwe yiBaroka ngesizini edlule, yini ezosivimba thina ekutheni sisinqobe? Kufanele sizinikele nje kwaphela. Inhloso yethu ukunqobela abalandeli bethu isicoco, abaxhasi nabaphathi bethu. Ngaphandle nje kwalokho sifuna ukunqoba isicoco sisinqobel­e nesifundaz­we iKwaZulu-Natal ngoba kusifanele isifundazw­e ukuhlabana ngesicoco,” kuphetha uKaruru.

 ??  ?? OVIDY KARURU
OVIDY KARURU
 ??  ?? BENNI McCARTHY
BENNI McCARTHY
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa