UBenni ubefuna ukugwema iChiefs emdlalweni weTKO
UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy, ufisa ukuphendula amatafula uma sebebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 ngempelasonto.
Umdlalo ungoMgqibelo eCape Town Stadium ngo-3 ntambama.
UMcCarthy yize enalesi sifiso uyakuqonda ukuthi lapha bazobe bebhekene neqembu eselike labashaya kule sizini futhi elikhombisa ukudlondlobala ngokwefomu.
Lo mqeqeshi ozikhulumelayo uze wababaza indlela “eshisa” ngayo iChiefs ethi uyibone kahle ibhaxabula iMamelodi Sundowns ngo 4-2 kwiShell Helix Cup ngempelasonto edlule.
ICity yona izithole iyizisulu zaMakhosi ebashaye ngo 2-1 emdlalweni weligi.
Kulo mdlalo ezikaMcCarthy zaqala zivutha zingabeselwe zaze zahamba phambili kodwa kwathi kubuywa ekhefini zamane zabanda qa, sekushisa izivakashi.
Yilokhu uMcCarthy angafisi ukuthi kubaphinde.
“Umdlalo omkhulu kuwona wonke umuntu, ngisho nami ngenxa yefomu enhle abakuyona. Yilona iqembu wonke umuntu afisa ukulishaya. Sithole izifundo emdlalweni wethu wokuqala futhi ngikholwa wukuthi sadlala kahle, yize umphumela ungakuvezi lokho. Indlela esadlala ngayo (esiwombeni sokuqala) kumele isenze singabi nalo uvalo,” kusho uMcCarthy.
Ubona lo mdlalo uzothakaselwa kakhulu nangabalandeli ngoba kuzobe kuhlangene amaqembu amabili angakusabi ukudlala.
“Kuzobe kudlala amaqembu azimisele ngokuwina. Ngicabanga abadlali bami bayazi ukuthi kuningi okumele bakulungise. Ngakho ngicabanga ukuthi umdlalo ufika ngesikhathi esikahle ukuthi sizihlole. Ngithemba ukuthi sizokwazi ukuba nomdlalo esizoziqhenya ngawo kodwa ngaphezulu kwalokho wukuthi kulokhu asifuni kube yithina esikhala ngaphansi,” kusho uMcCarthy.
Yize ezwakala enokuzethemba ngalo mdlalo, uthe ukube ubezikhethela yena ube ngeke atomule iChiefs kulo mqhudelwano.
“Bengingakhetha noma iChippa United hhayi ngoba ngingayihloniphi. Kuhle ukudlala neqembu owaziyo ukuthi uzobatshela abafana ukuthi asiyoqeda ngalaba bantu. Kodwake siyodlala neqembu elisefomini enhle kakhulu. Nibonile benzeni ngempelasonto. Babhaxabule abantu ngamagoli amane. Kodwa mhlawumbe yiyona kanye inselelo esiyidingayo njengamanje. Ngiyathemba kukhona esizokwenza futhi kulezi zinsuku ezedlule abadlali bakhombisa ukuthi bayilambele leyo nselelo,” kusho uMcCarthy.
Uthe usabambe umoya ngabadlali bakhe abalimele okukhona ukaputeni uThami Mkhize nomdlali wasesiswini uRoland Putsche.