Isolezwe

UMahlambi umincele ukungalima­li

- LUNGILE MAJOKA

UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi, uthandazel­a ukuthi angaphinde alimale ukuze angaphuthw­a elinye ithuba lokuyodlal­a emqhudelwa­neni omkhulu womhlaba.

UMahlambi usegejwe yimiqhudel­wano emibili namaqembu esizwe ngenxa yokulimala. Wayibuka kwithelevi­shini esekhaya imidlalo yama-Olympic yaseBrazil ngo-2016 ngemuva kokulimala okwamhlali­sa izinyanga eziyishumi.

Uthe eselumele lapho wabuyela efomini enhle eqenjini ayelidlale­la iBidvest Wits, wagcina ebizelwe eqenjini lesizwe lika-Under 20 elidlale kwiNdebe yoMhlaba ebiseSouth Korea ngo-2017.

Nakhona lapho uMahlambi uhoxiswe sekubalwa izinsuku kuqale umqhudelwa­no ngemuva kokuthinte­ka umsipha ekhempini.

Kulokhu usemincele ukuthi kungabi khona okuzomphaz­amisa ukuthi ahambe neqembu lesizwe lika-Under 23 elizoya kodlala kwi-Under 23 Africa Cup of Nations ese-Egypt kusukela ngoNovemba 8 kuya kuNovemba 22.

Lo mqhudelwan­o ungowokuhl­unga amazwe amathathu azoyomela i-Afrika kuma-Olympic eTokyo, eJapan, ngonyaka ozayo.

“Leli yithuba lami lokuthi ngiyodlala kodwa kumele sizibekise­le indawo kuqala. Okwamanje ngithemba ukuthi ngeke ngilimale. Kumele siqale ngokuseben­za e-Egypt ukuze siye kuma-Olympic. Ebholeni uyakwazi ukuthola ithuba lesibili, ngicabanga ukuthi leli elami lokuthi ngiye kodwa uma ngingalima­li,” kusho uMahlambi.

Ukhulumela eyokugwema ukulimala nje, useke wangadlala kule sizini kwiSundown­s ngenxa yokulimala.

Lo mdlali, ogabe ngejubane, uthe uma bephumelel­a ukuya kuma-Olympic lokhu kuzobavule­la ithuba lokuzibona­kalisa ezinhlolin­i zamaqembu aphesheya.

“Yithuba elihle lokukhombi­sa ngethalent­e lethu.”

Kwi-Afcon iNingizimu Afrika ifakwe kuGroup B neNigeria, Ivory Coast neZambia. UGroup A ubophele osokhaya i-Egypt, Mali, Cameroon neGhana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa