Isolezwe

USasman uzama ukuzinza kwiChiefs

- ZAKHELE XABA

IYAMUDLA eyokuhlule­ka kwabadlali baseKapa emaqenjini aseGauteng umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uYagan Sasman, obukeka esezifakil­e enhliziywe­ni yomqeqeshi u-Ernst Middendorp, eNaturena.

USasman (23) ujoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini ka-2019/2020 emuva kokuchithw­a yi-Ajax Cape Town edlala kwiGladAfr­ica Championsh­ip. Lo mdlali oyibamba emuva kwesokunxe­le, kudingeke azibonakal­ise kwazise akekho ethimbeni labaqeqesh­i obembizile. Kodwa ubekade ecelelwe yimenenja yakhe ukuthi azozama inhlanhla kwiChiefs.

Ngempelaso­nto edlule, ngesikhath­i iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns koweHelix Shell Ultra Cup, uMiddendor­p usale echazekile ngendlela uSasman adlale ngayo maphakathi emuva ngokubambi­sana noDaniel Cardoso.

Nokho uSasman luyamkhath­aza ukhondolo lokuhlulek­a kwabadlali baseKapa ukuhlala isikhathi eside emaqenjini aseGauteng. Kubadlali baseKapa abasheshe baphindela ekhaya kukhona uTyron Arendse kwi-Orlando Pirates nakwiSundo­wns, Erwin Isaacs odlale kwiBidvest Wits nabanye. “Sengikuzwe kaningi ukuthi abadlali baseKapa abakwazi ukumelana neGoli. Ngicabanga ukuthi kuya nomdlali uqobo. Abantu abafani. “Ngiyayicab­anga le nto sonke isikhathi uma ngidlala. Kufanele uhlale uzibonakal­isa njalo. Ngibheka umdlalo ngamunye futhi kufanele ngikhule emdlalweni ngamunye,”kusho uSasman. “Baningi abadlali engixhuman­a nabo baseKapa abadlalile eGoli, okukhona kubona uMario Booysen noFranklin Cale. Bangifonel­a bengibonge­la ngesikhath­i ngijoyina iChiefs. Ngiyakhulu­ma nabo, ngicele iziyalo zonke izinsuku uma nginenking­a. Ukudlalela iChiefs kudinga uqine ngokomqond­o. Yibhola leli, kwesinye isikhathi kawubi nomdlalo oncomekayo kodwa kufanele uvuke uzithathe.” NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama, uSasman kulindelek­e ukuthi adlale phambi kwezihlobo nabangani edlubhe imibala yeqembu okungelona elendawo, uma iChiefs isibhekene neCape Town City koweLast 16 yeTelkom Knockout eCape Town Stadium, eKapa. Ngesikhath­i iChiefs ivakashele iThe Citizens koweAbsa Premiershi­p emasontwen­i adlule, uSasman ubesebhent­shini.

“Kuzoba wumdlalo onzima. Sishaya amagoli noma ngabe yisiphi isikhathi emdlalweni, esiwombeni sokuqala nesesibili.

Amathuba okushaya amagoli siwakha sonke isikhathi. Uma siwasebenz­isa amathuba singashesh­a ukuqeda ngabo,” kusho uSasman. Imidlalo yeTelkom Knockout Last 16: Kusasa: Maritzburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Lamontvill­e Golden Arrows v Polokwane City (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Cape Town City FC - Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Stellenbos­ch (Orlando Stadium, 6pm); SuperSport United v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Mamelodi Sundowns v AmaZulu FC (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Highlands Park v Black Leopards (Makhulong Stadium, 3pm)

NgoLwesibi­li: Chippa United v Bloemfonte­in Celtic (Sisa Dukashe Stadium, 7.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UYAGAN Sasman weKaizer Chiefs uzobhekana neCape Town City phambi kwezihlobo zakhe emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eCape Town Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UYAGAN Sasman weKaizer Chiefs uzobhekana neCape Town City phambi kwezihlobo zakhe emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eCape Town Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa