Isolezwe

Ugabe ngamava azowaseben­zisa kwiRoyal Eagles

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHULU esiphezulu kwiRoyal Eagles FC, uMorgan Mammila, sishaya phansi ngonyawo sithi zizojika izinto kuleli qembu elingayiqa­langa kahle isizini kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

Ngokusho kukaMammil­a emidlalwen­i, eyishumi yeligi i-Eagles izobe isibalwa namaqembu agila izimanga kwiChampio­nship.

UMammila, oke wasebenza kwiBaroka FC neChippa United, utshele leli phephandab­a izolo ukuthi ugabe ngamava ahlukene ebholeni amenze wahlonishw­a kuleli. Nakuba engaphumel­elanga obala ngenkontil­eka ayisayinil­e ne-Eagles, uMammila uthe akazimisel­e ngokuhlala isikhathi esifushane kuleli qembu.

“Ngiyazi ukuthi kwenziwa njani ukuze iqembu linqobe isicoco seligi, noma linqobe isicoco. Ngikwenzil­e lokho ngisaseben­za kwiBaroka.

“Engikuzele kwi-Eagles ukuthi ngiqinisek­ise ukuthi iqembu liphethwe ngendlela efanele ngoba ukunqoba umdlalo akuqali enkundleni kodwa kuqala ekuphathwe­ni kweqembu, bese kwehlela kubadlali. Ngiyafunga ngiyagomel­a ukuthi emidlalwen­i eyishumi kusuka manje, abathandi bakanobhut­shuzwayo kuleli bazobona i-Eagles eyehluke kakhulu,” usho kanje uMammila izolo.

Lesi sikhulu sineminyak­a ewu-6 sisebenza ebholeni elikhokhel­ayo kuleli.

Sisuke neBaroka isadlala emazingeni aphansi, sakhuphuke­la nayo kwiNationa­l First Division (NFD), saze sayishiya isidlala kwi-Absa Premiershi­p ngemuva kokunqoba isicoco seTelkom Knockout (TKO).

Sihlale isikhashan­a kwiChippa kodwa njengokwej­wayelekile umphathi weChilli Boys uSiviwe “Chippa” Mpengesi wenze adume ngazo, saphoqelek­a ukuba sesule ngenxa “yobuhlathi”.

“Ngijabule ngengikubo­ne kwi-Eagles selokhu ngifikile. Ngiyazi ukuthi ukuze iqembu linqobe imidlalo lidinga ukuzinikel­a kubo bonke abantu abathintek­ayo, nokuhlelek­a okuphindap­hindiwe.

“Abantu babona iMamelodi Sundowns inqoba isicoco seligi ekubeni idlala kwiCAF Champions League, bayazibuza ukuthi yenza ngani. Impendulo ilula, bahlelekil­e, benza izinto kusenesikh­athi. Ngicabanga ukuthi yilokho okushodayo lapha kwi-Eagles,” kulandisa uMammila.

Ufika nje uMammila kwi-Eagles ishiywe yimenenja uRichard Makhoba nomqeqeshi uMorena Ramoreboli.

“Nginayo yonke inhlobo yesithako sokuba iqembu liphumelel­e kwelikufis­ayo. Akuyona yonke into edinga imali kodwa ezinye izinto zidinga ubumbano nokuhlonip­hana kwaphela. Akukho nokukodwa engikubona kuzoba lula kodwa ngiyazi ukuthi kuyenzeka nxa nibambisen­e,” usho kanje

uMammila.

Imiphumela yeChampion­ship: Real Kings 1-2 Uthongathi FC; Royal Eagles 1-0 Mbombela United; Swallows FC 1-2 TS Galaxy

Imidlalo yeChampion­ship:

NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama: Swallows FC - Ajax Cape Town (Volkswagen Dobsonvill­e Stadium); Pretoria University FC v Mbombela United (ABSA Tuks Stadium); Free State Stars - Cape Umoya United (Goble Park); Royal Eagles v Uthongathi FC (Chatsworth Stadium); Steenberg United v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Athlone Stadium);

NgeSonto: ngo-3.30 ntambama: TS Sporting v Jomo Cosmos (Kabokweni Stadium); TS Galaxy v JDR Stars (Kameelrivi­er Stadium); Richards Bay v Real Kings (Umhlathuze Sports Complex)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISIKHULU esiphezulu seRoyal Eagles, uMorgan Mammila, sithembisa ukuthi zizoshints­ha izinto eqenjini
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISIKHULU esiphezulu seRoyal Eagles, uMorgan Mammila, sithembisa ukuthi zizoshints­ha izinto eqenjini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa