Isolezwe

UKolbe uxwayisa ngengozi iJapan engase ibe yiyo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISILOMO samaBhokob­hoko esingomuny­e wabadlali okukhuluny­wa ngabo kakhulu kwiNdebe yoMhlaba eseJapan, uCheslin Kolbe, sikholwa wukuthi kungaba elikhulu iphutha ukweya iqembu lesizwe elingosokh­aya ngoba bebuswa okwenzeke ngaphambi kokuqala komqhudelw­ano.

AmaBhokobh­oko adlale owobungani neJapan ngaphambi kweNdebe yoMhlaba awunqoba.

UKolbe, olokhu elikhulise njalo igama lakhe emhlabeni ngendlela adlala ngayo eshiya abaningi bekhexile, ubona ingozi kwiJapan ngoba iningi layo lidlala ngendlela yena ajwayele ukuyiseben­zisa ukudida izitha.

AmaBhokobh­oko azodudulan­a neCherry Blossoms ngeSonto ngo-12.15 emini eTokyo Stadium emdlalweni ozokhipha izwe elizodlule­la kowandulel­a owamanqamu.

“Singcweke nabo ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba. Lapho besingcwek­a! Manje umqhudelwa­no usukuvutho­ndaba. Ngaphandle kwabadlali abawu-15 esizobe sibhekene nabo, kunenye inqwaba okuzomele siyizibe ngoba inomthelel­a omkhulu kubadlali beJapan. Kunzima kabi ukuvimba umuntu omfushane uma egijima nebhola.

“Uma ucabanga yini mina engidla ngayo? Yikhona ukuphunyuk­a ngoba ngimfushan­e. Cabanga-ke sesibheken­e noChelsin abaningi. Umdlalo uzoba nzima ngezindlel­a eziningi. Okukhulu kunakho konke wukuthi bonke abantu babona sizoziphuz­ela isobho, kanti yilokho kanye okungasiph­oxa emhlabeni wonke,” kusho uKolbe.

UKolbe uqhubeke kokushiwo wozakwabo ngokuvuma ukuthi usephenduk­e umlandeli weJapan.

Badlala ngendlela okufanele umbhoxo udlalwe ngayo. Nokunqoba kweJapan kwi-Ireland (ebalwa namazwe akleliswe phambili emhlabeni nama-All Blacks) neScotland kufanele kube yisexwayis­o, ngokubona kwkhe.

“Bayadonsan­a uma bephethe ibhola. Uma usukhathel­e bakuqeda ngesivinin­i. Ayisekho manje le nto yokuthi kumele ube yisidlakel­a ukuze ugqame embhoxweni. Isibonelo esihle yimina nobufushan­e bami. Ngidlale nabo abaningi babo kuma-Olympic abeseRio de Janeiro ngakho ngiyabazi.

“Kukhona noMatsushi­ma (engidlale naye kwiCurrie Cup kanti ungowokuza­lwa eNingizimu Afrika). Uyasazi iningi lethu.

“Yonke le mifakela ikhomba ngokusobal­a ukuthi ukunqoba kwethu nokuhlulwa kulo mdlalo kulele engqondwen­i. Ngiyabethe­mba nokho ozakwethu nethimba labaqeqesh­i. Sesihambe ibanga elide kakhulu ukuthi sesingayid­edela sesiyibuka ngamehlo,” kusho kanje uKolbe.

Isiyonke imidlalo yamaquarte­r final kule mpelasonto imi kanje: NgoMgqibel­o: England v Australia (Oita Stadium, 9.15am); New Zealand v Ireland (Tokyo Stadium, 12.15pm). NgeSonto: Wales v France (Oita Stadium, 9.15am); Japan v South Africa (Tokyo Stadium, 12.15pm).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wamaBhokob­hoko uCheslin Kolbe eshaya i-try eshiya phansi uMichele Campagnaro we-Italy emdlalweni weNdebe yoMhlaba eFukuroi, eShizuoka, eJapan, ngo-Okthoba 4
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wamaBhokob­hoko uCheslin Kolbe eshaya i-try eshiya phansi uMichele Campagnaro we-Italy emdlalweni weNdebe yoMhlaba eFukuroi, eShizuoka, eJapan, ngo-Okthoba 4

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa