Isolezwe

Umthetho awuvumi abhekane neDowns

- ZAKHELE XABA

ISIKHULU seMamelodi Sundowns, uYogesh Singh, sicacisa ngokubuya komthetho ovimbela abadlali ababolekis­iwe othi uma amaqembu abakuwo ebhekene namaBrazil­ians bangadlali.

Emasontwen­i edlule kube nokudideka ngesikhath­i kuvela ukuthi umgadli uJeremy Brockie, obolekiswe kwiMaritzb­urg, ngeke adlale uma iSundowns ibhekene neTeam of Choice. Ngaleso sikhathi izikhulu zeSundowns zingene ezintanjen­i zingafuni ukucacisa kwaze kwaba wusuku lomdlalo.

UBrockie ugcine engadlalan­ga kulo mdlalo we-Absa Premiershi­p onqotshwe yiSundowns ngo 2-1.

Kumasizini ambalwa edlule usihlalo weSundowns, uPatrice Motsepe, uyivalile indaba yokunqabel­a abadlali abababolek­isile ukuthi badlale uma bebhekene neqembu lakhe ngoba behola kulona.

Lokho kuvulele ithuba abadlali abafana noRodney Ramagalela noBongi Ntuli ukuthi bashaye amagoli ngesikhath­i bebhekene neSundowns kodwa bengabadla­li bayo.

“Kuyiqiniso ukuthi lo mthetho waqedwa kodwa kufanele ukuqonde ukuthi abadlali beSundowns bayabiza. Awamaningi amaqembu angakwazi ukubaholel­a.

“Ngakho wenzenjani uma kuyiSundow­ns eholela lowo mdlali kodwa ebolekiswe? Siwubuyisi­le kuBrockie ngoba iholo lakhe liphezulu futhi siyamkhokh­ela yize ebolekisiw­e.

“Uzokhumbul­a ukuthi ngesizini edlule iMaritzbur­g kade siyiboleke uKeletso Makgalwa kodwa lo mthetho kade ungabekiwe ngoba neholo lakhe alifani nelikaBroc­kie,” kusho uSingh.

Ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokushints­hana ngabadlali, baningi abadlali beSundowns abagcine libavalele ngaphakath­i eChloorkop phezu kokuba bekade befuna ukubolekis­wa. Kulaba badlali kukhona u-Aubrey Ngoma obekuthiwa ubheke kwiCape Town City.

UNgoma usale edangele ngalokhu kwazise ulizwa ngendaba ijezi kwiSundown­s ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uPitso Mosimane. Kwayena uMosimane ubekade evumile ukuthi abadlali abafuna ukuhamba uzobadedel­a, inqobo nje uma ekhona amaqembu abafunayo.

“Indaba kaNgoma kuphele isikhathi kungakafin­yelelwa esivumelwa­neni. UJohn (Comitis) ungifonele iwindi lizovala ngakusasa. Khumbula ukuthi kade besanda kulahlekel­wa nguGift Links abamdayise phesheya. Yingaleso sikhathi ababone ngaso ukuthi badinga umuntu ozovala isikhala sakhe, kwasho ukuthi isikhathi sesihambil­e. Imali eholwa abadlali beSundowns iyona eyenza amaqembu ahluleke ukubabolek­a,” kusho uSingh.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UJEREMY Brockie obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiMaritzb­urg United akavunyelw­e ukudlala uma la maqembu ebhekene
Isithombe: BACKPAGEPI­X UJEREMY Brockie obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiMaritzb­urg United akavunyelw­e ukudlala uma la maqembu ebhekene

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa