Isolezwe

UBenni ubefuna ukugwema iChiefs emdlalweni weTKO

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy, ufisa ukuphendul­a amatafula uma sebebheken­e neKaizer Chiefs emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 ngempelaso­nto.

Umdlalo ungoMgqibe­lo eCape Town Stadium ngo-3 ntambama.

UMcCarthy yize enalesi sifiso uyakuqonda ukuthi lapha bazobe bebhekene neqembu eselike labashaya kule sizini futhi elikhombis­a ukudlondlo­bala ngokwefomu.

Lo mqeqeshi ozikhulume­layo uze wababaza indlela “eshisa” ngayo iChiefs ethi uyibone kahle ibhaxabula iMamelodi Sundowns ngo 4-2 kwiShell Helix Cup ngempelaso­nto edlule.

ICity yona izithole iyizisulu zaMakhosi ebashaye ngo 2-1 emdlalweni weligi.

Kulo mdlalo ezikaMcCar­thy zaqala zivutha zingabesel­we zaze zahamba phambili kodwa kwathi kubuywa ekhefini zamane zabanda qa, sekushisa izivakashi.

Yilokhu uMcCarthy angafisi ukuthi kubaphinde.

“Umdlalo omkhulu kuwona wonke umuntu, ngisho nami ngenxa yefomu enhle abakuyona. Yilona iqembu wonke umuntu afisa ukulishaya. Sithole izifundo emdlalweni wethu wokuqala futhi ngikholwa wukuthi sadlala kahle, yize umphumela ungakuvezi lokho. Indlela esadlala ngayo (esiwombeni sokuqala) kumele isenze singabi nalo uvalo,” kusho uMcCarthy.

Ubona lo mdlalo uzothakase­lwa kakhulu nangabalan­deli ngoba kuzobe kuhlangene amaqembu amabili angakusabi ukudlala.

“Kuzobe kudlala amaqembu azimisele ngokuwina. Ngicabanga abadlali bami bayazi ukuthi kuningi okumele bakulungis­e. Ngakho ngicabanga ukuthi umdlalo ufika ngesikhath­i esikahle ukuthi sizihlole. Ngithemba ukuthi sizokwazi ukuba nomdlalo esizoziqhe­nya ngawo kodwa ngaphezulu kwalokho wukuthi kulokhu asifuni kube yithina esikhala ngaphansi,” kusho uMcCarthy.

Yize ezwakala enokuzethe­mba ngalo mdlalo, uthe ukube ubezikheth­ela yena ube ngeke atomule iChiefs kulo mqhudelwan­o.

“Bengingakh­etha noma iChippa United hhayi ngoba ngingayihl­oniphi. Kuhle ukudlala neqembu owaziyo ukuthi uzobatshel­a abafana ukuthi asiyoqeda ngalaba bantu. Kodwake siyodlala neqembu elisefomin­i enhle kakhulu. Nibonile benzeni ngempelaso­nto. Babhaxabul­e abantu ngamagoli amane. Kodwa mhlawumbe yiyona kanye inselelo esiyidinga­yo njengamanj­e. Ngiyathemb­a kukhona esizokwenz­a futhi kulezi zinsuku ezedlule abadlali bakhombisa ukuthi bayilambel­e leyo nselelo,” kusho uMcCarthy.

Uthe usabambe umoya ngabadlali bakhe abalimele okukhona ukaputeni uThami Mkhize nomdlali wasesiswin­i uRoland Putsche.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa