Owe-Eagles ubeka iqembu phambili kunesokuqeqesha
UZIBEKE ngemuva wajabulela abadlali umqeqeshi obambile kwiRoyal Eagles uMncedisi “Dada” Sibiya, ezakhe zinqoba umdlalo wokuqala kwiGladAfrica Championship ngoLwesithathu.
I-Eagles ishaye iMbombela United ngo 1-0, wegoli likaMpho Khumalo eChatsworth Stadium eThekwini.
USibiya uyibambe ishisa kwi-Eagles kwazise isanda kulaxazwa uMorena Ramoreboli obengumqeqeshi, naloyo obeyimenenja yeqembu uRichard Makhoba. Sekungumlando ukuthi uMorgan Mammila useyisikhulu esiphezulu kwiEagles.
Bese kubukeka sengathi alukho uzinzo kwi-Eagles kodwa ukufika kukaMammila nokuba nomgogodla kukaSibiya kubukeka sengathi kulisebenzele leli qembu elithole amaphuzu aphelele okokuqala kule sizini.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba abafana basebenze kanzima, nokuthi bese kubukeka sengathi bayehluleka wukunqoba kodwa bawathola amaphuzu aphelele. Empeleni ngokwami yonke imidlalo esiyidlalile sidlale kahle, ukuthi nje bekuphika inhlanhla singenelwa amagoli ngemizuzu yokugcina. Ngijabulela ngokukhethekile abadlali ngoba sebezobuyelwa ukuzethemba emidlalweni elandelayo,” kusho uSibiya.
Eqhubeka echaza lo mqeqeshi uthe abadlali be-Eagles banesikhathi esincane kakhulu bedlala ndawonye, ngakho badinga isikhathi ukuze bahlangane.
Banomdlalo onzima nokho kusasa njengoba bezobhekana noThongathi FC olususa yonke into ephambi kwalo kulezi nsuku.
Lo mdlalo weGladAfrica Championship uzoba seChatsworth Stadium ngo-3.30 ntambama.
“Sizobuyela emuva nethimba labaqeqeshi sibuke ama-video abo ukuthi badlala kanjani. Ngenhlanhla ngiyasiqonda isitayela sabo, sekuwukubheka ukuthi babuthaka kuphi bese singena ngalelo nxeba,” kubeka uSibiya.
Ebuzwa ukuthi ngabe uzimisele yini ngokuqashwa ngokuphelele ekubeni ngumqeqeshi we-Eagles, uSibiya uthe: “Uma umphathi wami enginika isikhundla ngiyojabula kodwa ngiyafisa ukukucacisa ukuthi angizelanga izikhundla lapha kodwa ngizele ukuzosiza iqembu”. Imidlalo yeChampionship: Kusasa ngo-3.30 ntambama: Swallows FC - Ajax Cape Town (Volkswagen Dobsonville Stadium); Pretoria University FC v Mbombela United (ABSA Tuks Stadium); Free State Stars - Cape Umoya United (Goble Park); Royal Eagles v Uthongathi FC (Chatsworth Stadium); Steenberg United v Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Athlone Stadium);
NgeSonto: ngo-3.30 ntambama: TS Sporting v Jomo Cosmos (Kabokweni Stadium); TS Galaxy v JDR Stars (Kameelrivier Stadium); Richards Bay v Real Kings (Umhlathuze Sports Complex)