Abashayeli bakhala ngesibhaxu sosomatekisi
BAKHALE ngesibhaxu sosomatekisi nokusetshenziswa njengezigqila ngesikhathi bebhikisha abashayeli bamatekisi eWelbedacht, eThekwini, izolo ekuseni.
Laba bashayeli abasebenza ngaphansi kukasoseshini wamatekisi eChatsworth bavale thaqa umgwaqo ngamathayi avuthayo, izihlahla namatshe.
Abagibeli basale dengwane njengoba kudingeke babuyele emakhaya kunganyakazi lutho eyitekisi ethutha umphakahi kuleli lokishi.
Kunabashayeli okuthiwa baboshiwe, abanye ababili badutshulwa ngamaphoyisa ngezinhlamvu zangempela balimala.
Kokunye abakhala ngakho abashayeli wukuholelwa amakinati, ukusetshenziswa isonto lonke bengaphumuli, ukushaywa kwabo osomatekisi nonogada bakasoseshini uma kunomgibeli ofake isimangalo, wubandlululo kusoseshini nasemaphoyiseni uma beyovula amacala, nokukhokhiswa uR500 oyinhlawulo uma ulahlwe icala.
Manje sebefuna ukuphuma kusoseshini wamatekisi waseChatsworth bazimele geqe ngoba bekhala nangokucwaswa ngokwebala.
UMnuz Sandile Mthethwa, ongumshayeli wetekisi, uthe kunamakhadi abenzelwe wona wusoseshini okumele bawaphathe njalo.
“Iningi labashayeli abamnyama, sishaywa singenzanga lutho. Awuvumelekile ukushayela imoto yomunye umuntu. Kunesikalo semali ophoqiwe ukuthi uyisebenze ngosuku futhi ithangi likaphethroli kumele ubuye ligcwele. Kunobandlululo, asiwatholi amaphemithi kodwa amaNdiya ayanikwa,” kusho uMthethwa.
Uqhube wathi amathikithi etekisi awela kumshayeli, bagwazela izimenenja ngenkani emarenki ukuze basebenze kahle, basaba nokuyobika kusoseshini ngenxa yobandlululo.
Omunye umshayeli ongathandanga negama lakhe uthe umisiwe ekutheni ashayele ngoba ubanjwe engaliphethe ikhadi lomsebenzi.
“Sifuna usoseshini ozimele, izimenenja nosihlalo wethu. Usaba nokubika ngokuhlukunyezwa ngoba inyathelwa ngezinyawo leyo nto. Izimenenja zifuna sikhokhe oR30 ukuze silayishe abagibeli abagcwele kahle etekisini. Sikhishiswa imali njalo, uma ubika kumqashi athi akayingeni ufuna imali yakhe igcwele,” kusho umshayeli.
Unobhala weNingizimu 2, okuyisifunda seSantaco eThekwini, uMnuz Mandla Malishe, uthe ushayelwe ucingo yilungu likasoseshini waseChatsworth limbikela ngokuqhubekayo emtshela ukuthi udaba basaluxazulula ngokwabo ngaphakathi.
UMalishe uthe wazisiwe ngezikhalo zabashayeli ukuthi bayashaywa, abaholelwa futhi basebenza isikhathi eside bengaphumuli wabayalela ukuthi bazibhale phansi izikhalo zabo ukuthi bezobhekana nazo ngqo.
“Sibacele ukuthi abakhethe abantu abazobamela uma sekudingidwa ngalo. Ngizoqhubeka ngixoxisane nabo ngenhloso yokuthola isixazululo,” kusho uMalishe.
Usoseshini wamatekisi waseChatsworth ungomunye wabangu-15 abangaphansi kwesiyingi iNingizimu 2.
Umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Sifiso Shangase, uthe kabahambisani nokushaywa kwabantu embonini. Uthe imboni ayikho ngaphezu komthetho, ngakho akukho muntu onelungelo lokuhlukumeza omunye.
“Udaba lwabashayeli baseWelbadacht belungakafiki ezindlebeni zethu kodwa uma sesibikeliwe ngezikhalo zabo sizolulungisa,” kusho uShangase.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uColonel Thembeka Mbele, uqinisekisile ukuthi ubekhona umbhikisho kodwa amaphoyisa abesiqaphile isimo.
Uthe akuboshwanga muntu kulo mbhikisho.