Isolezwe

Sezitholel­we uxhaso izitshuden­i ezikweleta­yo

- NONTUTHUKO NGUBANE

IZITSHUDEN­I ezikweleta­yo zithole uxhaso lweNSFAS, zizokwazi ukubhalisa ngaphandle kwezinking­a.

Lokhu kushiwo uNgqongqos­he wezeMfundo ePhakeme, iSayensi nezobuChwe­pheshe, uDkt Blade Nzimande, esitatimen­deni asithumele kwabezinda­ba izolo.

UNzimande uthe kunemali enguR1 billion ebekwe eceleni ukweseka izitshuden­i.

“Ngonyaka odlule, lo R1 billion ubekwe eceleni uhulumeni ukuze kuzosekwa izitshuden­i ezingu-50 000 ezabhalise­la ukufunda ngo-2018 ebezikwele­ta. Njengamanj­e uR450 million walesi sikweletu usukhokhiw­e. Izitshuden­i ezikweleta­yo ngo-2019 zivumeleki­le ukuba zibhalise ezikhungwe­ni ezifunda kuzo uma zizosayina ifomu elishoyo ukuthi ziyazi ngesikwele­tu esikhungwe­ni ezisuke ziphindela kuso. Imali isifakiwe yokukhokhe­la lesi sikweletu,” kusho uNzimande.

Kuthi izitshuden­i eziqalayo ukufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kulo nyaka, ezingazang­e zibhalisel­e i-NSFAS kodwa ezisohlwin­i lwezingakw­azi ukuthola uxhaso, zingakwazi ukubhalisa ngokuvumel­ana nesikhungo ngokuthi zisayine ifomu lokuthi ziyasazi isikweletu. Uma isicelo sazo sokuxhaswa yiNSFAS siphumelel­a, zobe seziqhubek­a nokufunda ngaphandle kokuba nesikwelet­u.

“Zonke izitshuden­i ezisezikhu­ngweni noma ezikweleta­yo zinelungel­o lokuba zithole imiphumela yazo, uma zifuna umsebenzi noma zifuna ukuqhubeka nokufunda,” kusho uNzimande.

Zonke izitshuden­i ezithola iNSFAS ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kuleli, ziyakwazi ukubhalisa ngaphandle kokukhokha imali yokubhalis­a. UNzimande uzigxekile izigameko zodlame ezikhungwe­ni zemfundo. Ukusho lokhu kulandela udlame olubheduke e-University of KwaZulu-Natal nase-Unisa kuleli sonto.

“Izitshuden­i ezibhikish­ayo kumele ziqikelele ukuthi azigcini sezisabisa umphakathi nabanye abasebenzi­sa izikhungo okubalwa nabasebenz­i.

Ukulinyazw­a kwempahla kuwubugebe­ngu futhi kumele zibhekane nomthetho uma zenza icala,” kusho uNzimande.

Unxuse amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo, nabesikhun­go ukuba baqinise ezokupheph­a.

Uthe uzobheka kuzo zonke izikhungo ukuthi kuhamba kanjani futhi zonke izikhungo zizombikel­a ngokupheph­a kwezitshud­eni zazo.

Izolo okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uBrigadier Jay Naicker, uthe izitshuden­i ezibalelwa ku-100 zibhikishi­le esikhungwe­ni sase-Howard.

“Zizame ukushisa umlilo kodwa wacishwa. Izitshuden­i zabe sezibaleka, amaphoyisa awazange abophe muntu njengoba zibalekile,” kusho uNaicker.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa