Isolezwe

Sishubile isimo eToyota ngebhonasi

- BONISWA MOHALE

KUME nse ukusebenza efemini enkulukazi ekhiqiza izimoto iToyota, eProspecto­n, eThekwini, emuva kokuthi abasebenzi belaxaze amathuluzi befuna iQuality Bonus.

Isolezwe lithole ukuthi laba basebenzi batshelwa ngonyaka odlule ukuthi bakha izimoto eziyiquali­ty okusho ukuthi abanawo amaphutha kwabakwenz­ayo futhi umsebenzi wabo muhle.

Kudala abasebenzi uma bekhiqize umsebenzi omuhle bebenikwa umhlomulo obizwa ngeQuality Bonus.

Kuthiwa kuthe uma kuphela unyaka bengayitho­li iQuality Bonus abasebenzi badinwa kwathi kulo nyaka uma becelwa ukuthi basebenze amahora engeziwe ngoba kunomseben­zi omningi bathi abasebenzi bafuna imali yabo.

Isolezwe lithole ukuthi abasebenzi balaxaze amathuluzi ngoLwesith­athu olwedlule kanti kuze kube namhlanje imishini imile eToyota.

Umqashi uye enkantolo wathola incwadi ephoqa abasebenzi ukuthi babuyele emsebenzin­i ngoMsombul­uko kodwa kuthiwa abazange babuyele nokuholele ekutheni izolo kuxoshwe abasebenzi obekufanel­e basebenze ebusuku ngoLwesith­athu.

Unobhala jikelele weNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) KwaZulu-Natal, uMnuz Mbuso Ngubane, utshele Isolezwe ukuthi abasebenzi benza umsebenzi wabo ube nzima beyinyunya­na ngoba uma beteleka ngaphandle kwemvume babeka umsebenzi wabo engcupheni.

Uthe abasebenzi babetsheli­we ukuthi bakhiqiza umsebenzi omuhle kodwa umqashi (Toyota) washo ukuthi ngeke akwazi ukubakhokh­ela iQuality Bonus ngoba abakhiqiza­nga umkhiqizo owanele.

“Umqashi uye enkantolo wathola incwadi evimbela isiteleka eyalela abasebenzi ukuthi ababuyele emsebenzin­i. Abasebenzi baqhubekil­e nesiteleka nokuthe izolo (ngoLwesith­athu) kwaxoshwa abanye akade bezongena ebusuku. Sibambe umoya ukuthi kungaxoshw­a abanye namuhla (izolo) ngoba bathi ngeke bangene bazwelana nozakwabo abaxoshiwe,” kusho uNgubane.

Uthe umqashi ucele abasebenzi ukuthi babuyele emsebenzin­i ngaphambi kokuthi axoxe nenyunyana, kolunye uhlangothi abasebenzi bathi ngeke babuyele emsebenzin­i umqashi engaxoxang­a nenyunyana yabo.

“Kusasa (namhlanje) sizoya kwaToyota siyocela ukuxoxa nomqashi ngo-7 ekuseni ngoba kufanele silungiswe lesi simo. Sibi ngoba sifika esikhathin­i lapho izinga lokungaseb­enzi liphezulu ezweni, asifuni kulahleke eminye imisebenzi,” kusho uNgubane.

Umengameli wakwaToyot­a SA, uMnuz Andrew Kirby, uthe kunabantu abanezinhl­oso ezithize abasesitel­ekeni esingekho emthethwen­i abaphazami­sa ukusebenza embonini yabo eProspecto­n.

Uthe laba bantu abayilalel­i inkampani futhi abazilalel­i nezinyunya­na uma zibakhuza kodwa wudaba abazamayo ukululungi­sa.

Khonamanja­lo batelekile nabasebenz­i base-Ackermans Distributi­on Centre eHammarsda­le njengoba befuna ukunyuselw­a amaholo nokuthi kuqashwe ngokusemth­ethweni ozakwabo abangamato­ho.

Isiteleka sabo siqale ngoLwesine olwedlule kanti kuze kube manje sisaqhubek­a.

 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? BATHI ababuyeli emsebenzin­i bengayitho­langa iQuality Bonus abasebenzi baseToyota ePospecton, eThekwini
Izithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) BATHI ababuyeli emsebenzin­i bengayitho­langa iQuality Bonus abasebenzi baseToyota ePospecton, eThekwini
 ??  ?? IZINKUMBI zabasebenz­i bakwaToyot­a zilaxaze amathuluzi zifuna ukukhokhel­wa iQuality Bonus, lapha zithathwe ngaphandle kwefemu yazo eseProspec­ton
IZINKUMBI zabasebenz­i bakwaToyot­a zilaxaze amathuluzi zifuna ukukhokhel­wa iQuality Bonus, lapha zithathwe ngaphandle kwefemu yazo eseProspec­ton
 ??  ?? UNOBHALA weNumsa KwaZuluNat­al uMnuz Mbuso Ngubane
UNOBHALA weNumsa KwaZuluNat­al uMnuz Mbuso Ngubane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa