Isolezwe

Selulwe ngenyanga isikhathi sezincomo

- INTATHELI YESOLEZWE

SELULELWE inyanga ezayo isikhathi sokuthi abantu bathule izincomo ngodaba lokuchitsh­iyelwa komthetho ozogunyaza ukuthi umhlaba uthathwe ngaphandle kwenxephez­elo.

Izolo emuva kokuba ikomiti elibheke ukuchitshi­yelwa kwalesi sigatshana libe nomhlangan­o kube sekumenyez­elwa ukuthi isikhathi sizolulwa kube uFebhuwari 29. Phambilini kwakuthiwe kuzovalwa namhlanje ukwethulwa kwezincomo.

USihlalo wekomiti, uDkt Mathole Motshekga, uthe ikomiti livumelene ngokuthi kwelulwe isikhathi kuze kube yisekuphel­eni kwenyanga ezayo.

Uthe lokhu yingoba umthethosi­vivinywa ukhishwe ngesikhath­i samaholidi ngakho abantu abakwazang­a ukuletha izincomo zabo.

Uchaze nokuthi ikomiti alikanqumi ngezincomo elizitholi­le.

“Umnyango usavuliwe emaqenjini ezepolitik­i ukuthi athule izincomo. Sizozibhek­a zonke izincomo noma kungathiwa zivela kuliphi iqembu lezepoliti­ki. Zonke izincomo ziyalingan­a.”

Uthe bazosebenz­isa izinkundla zokuxhuman­a okubalwa kuzo iWhatsApp ukuze bakwazi ukuxhumana nentsha.

Kuzoba nezigcawu zomphakath­i kuzona zonke izifundazw­e kusuka ngoLwesihl­anu kuze kube amaSonto.

IDA ithe asikho isidingo sokuba kuphazanyi­swe umthethosi­sekelo.

I-DA ithe izothula ezayo izincomo eziphikisa ukuthi kwenziwe ushintsho kumthethos­isekelo.

I-ACDP ePhalamend­e nayo ihambisana ne-DA.

I-ANC iyona ehamba phambili ekushumaye­leni ivangeli lokuba umhlaba ubuyiswe ngaphandle kwesinxeph­ezelelo kanjalo ne-EFF.

Abasafuna ukuthula izincomo bangabhale­la kuMnuz V Ramaano, 3rd Floor, 90 Plein Street, Cape Town, 8000 noma nge-email ku:section25@ parliament.gov.za. Amakhophi omthethosi­vivinywa atholakala kuMnuz V Ramaano, enombolwen­i ethi: 021 403-3820 noma ethi: 083 709 8427 noma ku:www.parliament.gov.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa