Kunconywe ongoti ngocwaningo
ITHIMBA longoti nososayensi bamanyuvesi amathathu akuleli bachonywe uphaphe ngokwenza ucwaningo olushaya emhlolweni ngesifo sezinso e-Afrika.
Ongoti bezempilo nosayensi baseNyuvesi yaKwaZuluNatal bahlangane nabaseWits nabaseSefako Makgatho Health Siences University benza ithimba elicwaninga ngesifo sezinso e-Afrika ngenhloso yokwenza ngcono uhlelo lokwelashwa kwaso kubantu base-Afrika.
Ucwaningo, okungolokuqala emhlabeni, lunezigaba ezithile ezinconywe ngokuthi zibhalwe kahle kunazo zonke kwi-African Association of Nephrology (AFRAN) Congress ebise Kenya kuleli sonto.
Izifo zezinso eziyimbelesela ezingelapheki kodwa ezilawulekayo (Chronic Kidney Disease (CKD) yinto ejwayelekile e-Afrika. Izifo zezinso zibulala iziguli eziwu13.4% Ngokocwaningo kuvela ukuthi sidlangile ezigulini ezinegciwane lengculazi, ezinesifo sikashukela, ezinezifo ezithathelanayo nezingathelelani.
USolwazi Alain Assounga uthe bakholwa wukuthi imiphumela yocwaningo ingasiza ekulawuleni isifo nokusivikela. Uma lokho sekwehlulekile abanaso basheshe batholakale ukuze bathole imishanguzo yokusilawula masinyane. Enye yezindlela athe ingasetshenziswa wukuhlola ukuthi izinso uma zihluza ukungcola zithatha isikhathi esingakanani kubantu base-Afrika ngoba njengamanje izingathekiso ezisetshenziswayo zisuselwa ocwaningweni olwenziwa ngeziguli ezingama-African American.
Uqhube wathi ukuhlangana kwamanyuvesi kuhloswe ngakho ukuthi kuqhanyukwe nezikali ezizokwenziwa zisuselwa kubantu base-Afrika kubhekwa nokuthi badlani.
Kulolu cwaningo kusetshenziswe iziguli eziwu-76 ezindala ezelashwa esibhedlela eNkosi Albert Luthuli naseKing Edward VIII.