Usungule i-Agricool esiza abalimi
UKUNGALITHOLI ibhange elizomboleka imali kuholele ekutheni asungule inkampani eheha abatshalimali abazimisele ukutshala imali ezosiza abalimi abasafufusa.
UMnuz Zamokuhle Thwala (26) waseNanda ongumsunguli we-Agricool Finance, uthe wazama amabhange amaningi ayezomboleka imali yokulima kodwa alikho ibhange elamsiza.
“Lokhu kwangenza ngacabanga ukuthi bangakanani abalimi abazithola besesimeni esifana nesami. Ngaqala ngenza ucwaningo ngathola ukuthi baningi kakhulu. Ngaphinde ngathola nokuthi enye inkinga eba khona ukuthi abalimi abasafufusa kuyenzeka balime kodwa bangakwazi ukudayisa umkhiqizo wabo. Ngibe sengisungula inkampani ezonxenxa amalungu omphakathi ukuthi atshale imali kulowo mlimi esisuke sesicwaningile ngokusebenza kwakhe, sabona nokuthi umkhiqizo wakhe sizokwazi ukuwudayisa uma sekufika isikhathi sokuvuna,” kusho yena.
Uthe le ndlela yokutshala imali uyibiza ngestokofela sokusiza abalimi abasafufusa ngoba yena wenza ucwaningo lokusebenza lalowo mlimi odinga imali yokuthuthukisa ibhizinisi lakhe bese efaka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umlimi othile udinga imali yokuthuthukisa umkhiqizo wakhe, asho ukuthi ukhiqizani, ukuphi nokuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi otshale imali athole inzuzo?
“Umlimi ohlomulile simthengela izinsiza azidingayo, silokhu simbheka ukuthi uqhuba kanjani? Uma sekushaye isikhathi sokuvuna umkhiqizo siyawuthatha, siyowudayisa athole inzuzo yakhe nabatshalimali babuyelwe imali abayifakile nenzalo,” kusho yena.
UThwala uthole iziqu zakhe ze-Agricultural Engineering e-UKZN ngo-Ephreli nyakenye. NgoJulayi wasungula le nkampani esikwaze ukuqoqa uR1.5 million onikezwe abalimi. Ungomunye wabayisithupha kuleli abafinyelele kowamanqamu emncintiswaneni iGlobal Student Entrepreneurs obuseMhlanga ngoLwesibili.
Uthe nakuba engaphumanga phambili kulo mncintiswano kodwa ukuhamba aze afinyelele esigabeni sokuba owesithupha kuleli kumenze wazibona ukuthi usungule ibhizinisi eliwusizo kubalimi abasakhula.
“Umlimi esimfunela abatshalimali asisho ukuthi akabambise ngomhlaba ngoba siyazi ukuthi iningi labantu abamnyama alinawo umhlaba, sithembela kuwo umkhiqizo wakhe, sibheke ukuthi angakanani amathuba okuthi akukhiqizayo kungaphumeleli nawokuthi kuphumelele, isipiliyoni sakhe, ukuphatha kwakhe imali nokunye. Ngasohlangothini lwabatshala imali nakhona asifuni ukuthi kube nabantu ababodwa,” echaza.