Isolezwe

Umfufusi nomfufusi sicela bandla ayofufusel­a ngakubo

-

LE NTO yokufufusa kuzofanele ibhekwe ngamanye amehlo ngoba sekuyisikh­athi eside sibekezele­le abantu okuthiwa abanikwe ithuba ngoba basafufusa.

Okufike kube kubi ngokufufus­a komuntu wukuthi ufufusa afufuse agcine engafufusa­nga, lokho osekusho ukuthi ubedlala ngemizwa nangemiqon­do yenu enenza nikholwe wukuthi uzogcina eyinto ethile.

Ngokomthet­ho ukufufusa komuntu akusilona icala kodwa inkinga isekutheni umuntu ofufusayo ufufusela kubantu okufanele bamemukele.

Kuyahlukum­eza ukubona umuntu efufusa aze aguge kulokhu kuthiwa uza kahle nokufufusa kwakhe, umuntu adlale ngamehlo ethu silokhu simbuka engabe sibuka ezinye izinto ezizoqhube­la phambili impilo yethu.

MaSolezwe okaVolos uphakamisa ukuthi lo mdlalo wokufufusa ubekelwe imigomo ethile ngoba sekucacile ukuthi abantu abalawulek­i.

Umuntu ozizwa efikelwa wumoya wokufufusa kungcono ahambe ayofufusa ngakubo ngoba akwehli kahle ukuthi kusuke umuntu azophoxa indawo yangakini athi ungumculi ofufusayo ebe ezazi ukuthi uyibhimbi lokuqala nelokugcin­a. Mina kuvele kuthi angihayize uma ngibona umculi osafufusa kamasikand­i engingamaz­i ezofufusel­a ngakithi.

Okuyikhona okungenza ngicasuke wukuthi ngiyazi ukuthi uzothi angehlulwa yilokhu kufufusa kwakhe agcine esethuka izinhlamba eselubalub­ela udumo.

Kungenxa yalesi sizathu ngithi umfufusi nomfufusi akahambe ayofufusa ngakubo ukuze kungakhali muntu uma ukufufusa kwakhe sekuhlanga­bezana nezinkinga.

Le nto yokufufusa iyawuhluku­meza umoya ngoba kuke kusuke umuntu ongalazi ibhola oyinkomo isidalo sakhe kodwa athi ucela nimeseke ngoba usafufusa. OkaVolos usaphelelw­a ngamahloni, uma ebona umuntu oyinkomo ethi uyafufusa ebholeni uvele athi: “Fire!Fire! Hamba moya omubi uyodlala nala madimoni akukhohlis­ayo”.

Ukube ukufufusa kuyinto ekhona ngabe sibona nangabatha­kathi kuthiwe banemithi engabulali ngoba basafufusa. Umthakathi uma esafufusa uyazifihla ukuze afunde kahle imithi, athi lapho evumbuka khona, kukhale abantu esenguhodo­ba womthakath­i oqotha imbokodo nesesekelo.

MaSolezwe mina angisiyena umuntu ongawahlon­iphi amabhizini­si abantu kodwa angimfuni eduze kwami usomathend­a osafufusa ngoba bonke banesifo esisodwa samanga.

Umuntu akusukele angcolise izindlebe zakho athi yena akenqeni ukukhipha isigidi samaRandi uma efuna umsebenzi, usho kanjalo nje kuyabonaka­la ukuthi kwayena ulambe esiswini.

Ngala mazwi amafushane okaVolos uthi akuyekwe ukumosha isikhathi ngezinto ezingekho okuthiwa zisafufusa.

Uma kuthiwa kunengxaba­no efufusayo kungcono siyilinde leyo ngxabano ibonakale kunokuthi kuthiwe kukhuzwa ingxabano engakaqali.

Uma kuthiwa kufufusa uqhekeko kungcono kulindwe lolo qhekeko luze lubonakale kunokuthi kuthiwe kuvinjwa uqhekeko okusolakal­a ukuthi luzoqhamuk­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa