Isolezwe

Buzohlala obala ubugolide kuRefilwe Modiselle

- KEDIBONE MODISE

UREFILWE Modiselle (34), osezakhele igama emkhakheni wokumodela nasekwethu­leni izinhlelo kwithelevi­shini, uzokwaziwa ngoMansa uma eselingisa indawo ephambili yowesifaza­ne wase-Afrika onebala elimhlophe efilimini yaphesheya ethi White Gold.

Ifilimu isungulwe ngumqondis­i wamafilimu wase-UK, uLuke Bradford. Ilandela impilo kaMansa ebuhlungu ehlanganis­a ukunqunywa kwakhe ingalo ngenxa yokuhlasel­wa kwabantu abanebala elimhlophe.

Ube esefuna usizo kuNatron, umlingiswa wenkakha u-Aubrey Makola, umthakathi ogcina esemjikela ekugcineni.

Ifilimu ishuthelwe eWalkervil­le, eGoli, futhi iveza izimo zangempela ekade zenzeka eTanzania, e-East Afrika.

URefilwe akamusha ekulingise­ni. Le ntokazi isike yabonakala kwifilimu ethi Tell Me Sweet Something, emdlalweni iGeneratio­ns, iThe River, Check Coast neMzansi Love.

Ichaza ngokubamba kwayo iqhaza kwiWhite Gold ithe yize imali yayingekho kahle kuyo kodwa yazitshela ukuthi yenza le filimu ngenxa yothando nokuqwashi­sa.

“Ngesikhath­i ngifunda ngendawo yami okokuqala, kulapho ngasho khona ukuthi le ndaba kumele ngiyixoxel­e abantu emphakathi­ni futhi nami ngibe khona efilimini. Okunye engifuna ukuthi kubonakale wukukhombi­sa ngekhono lami kubantu abangakaze bangibone ngilingisa. Ngihluke kakhulu kwiWhite Gold nangendlel­a abantu abahlale bengibona ngiyiyona kwithelevi­shini. Kulokhu ngiveza konke,” kusho uRefilwe.

URefilwe ubuye wachaza ngezingqin­amba abhekane nazo ngesikhath­i eqopha ifilimu.

“Bekumele ngifunde ukulingisa njengomunt­u ongenangal­o. Ngenxa yayo nje ifilimu kuningi obekumele ngikufunde, ngaphinde ngazifaka esimeni somuntu okhubazeki­le njengoba konke bekumele ngikwenze ngisebenzi­sa ingalo eyodwa. Kukhona nje lapho ngizobonak­ala khona ngiwasha ngisebenzi­sa izinyawo nesandla esisodwa. Kwenye indawo ngizobonak­ala endaweni yokudayisa ngizama ukudayisa izaqathi kodwa abantu belokhu bengibuka bezwelana nesimo engikuso,” kuchaza uRefilwe.

URefilwe uthe le ndawo kube ngenye yezibuhlun­gu kakhulu ukuzilingi­sa kodwa uyathemba ukuthi abantu bazoyithak­asela futhi izofundisa iqwashise nasemphaka­thini ngoba yinto engenhle ukubulawa kwabantu abanebala elimhlophe.

“Lokhu kuhlukumez­eka okwenzeka kubantu abanebala elimhlophe emazweni ahlukene e-Afrika akunasidin­go. Konke okwenziway­o okuthinta ukuhlukuny­ezwa kwabebala yingenxa yabantu abanomhawu futhi yinto okumele bayiyeke, kumele iphele,” kuchaza le ntokazi.

Uthe yize bebhekene nalezi zimo kodwa ifilimu kukhona lapho imelaphe khona.

Uthe kukhona lapho imkhumbuza khona esakhula esaphila impilo ebuhlungu.

Ifilimu isanda kwemukelwa njengamany­e azokhonjis­wa kulo nyaka emcimbini wamafilimu iPan African Film Festival eLos Angeles.

 ??  ?? UMLINGISI wakuleli uRefilwe Modiselle okujabulel­e ukulingisa efilimini yaphesheya eqoshwe kuleli muva nje
UMLINGISI wakuleli uRefilwe Modiselle okujabulel­e ukulingisa efilimini yaphesheya eqoshwe kuleli muva nje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa