Isolezwe

Kunzima kubantu abahola kancane

- BONISWA MOHALE

IPHELELA emalini yokugibela imiholo yabasebenz­i baseNingiz­imu Afrika, abahola kancane ukudlula wonke umuntu.

Lezi zindaba zivezwe wuMnuz Mervyn Abrahams, oyiProgram­me Coordinato­r enhlanganw­eni eyenza ucwaningo oluthinta umphakathi, iPietermar­itzburg Economic Justice & Dignity Group.

U-Abrahams wenze isibonelo sokuthi umuntu ohola uR3 168 ugibela ngoR28 ukuya nokubuya emsebenzin­i.

Lo mholo awubhekile yena yedwa, uthola ukuthi ubheke abantu abathathu kuya kwabayisit­hupha.

Uthe impilo izoba nzima kulo nyaka ngoba iholo labo ngeke linyuke ngemali etheni.

U-Abrahams uthe i-National Minimum Wage

IKHASI ELIKHOKHEL­WE izonyuka ngo-5% kulo nyaka kodwa lokhu ngeke kulethe umehluko kubantu abaningi kwazise abanye vele abawuholi lowo R20 ngehora. “Kunezinkam­pani ezicele ukuthi zingabahol­eli uR20 ngehora abasebenzi ngoba kazinawo amandla okwenza lokhu. “Okusho ukuthi abasebenzi okufanele bahole uR20 bagcine sebehola uR18, kwathi abasebenzi basemapula­zini okufanele bahole uR18 bahola uR16, abasebenzi basezindli­ni okufanele bahole uR15 bagcina sebethola uR13.50 ngehora. “Kulo nyaka iNational Minimum Wage izonyuka ngo-5%, okusho ukuthi abasebenzi bazothola uR1 owengeziwe ngehora,” kusho u-Abrahams. Uthe kulo mholo abantu kufanele bathenge ukudla, bagibele bathenge ugesi nezinye izidingo.

“Uthola ukuthi ugesi uR598.52, imali yokugibela ibe wuR1 231 bese kuba ngeyokudla eya ngokuthi umndeni mkhulu kangakanan­i.

“Abanye benza igilosa kaR1 227, okusho ukuthi basala nemali encane yokubhekel­a ezinye izidingo,” kusho u-Abrahams.

Uthe iNational Minimum Wage ayiwenzi umehluko kubasebenz­i bakuleli ngoba vele bahola kancane.

Akusiyo yodwa iPietermar­itzburg Economic Justice & Dignity Group ekhala nge-National Minimum Wage kwazise nemifeland­awonye yezinyunya­na, okuyiCosat­u, Fedusa neminye iyakhala ngale mali.

I-Cosatu igquqquzel­e abasebenzi ukuthi bakhulume ngezwi elilodwa, balwe nokuxhasha­zwa. Ithe yona ifuna uhulumeni anyuse i-National Minimum Wage ngo-12.5% ukuze abantu bakwazi ukuphila.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? I-DA ne-UASA abakuthoko­zeli ukutakulwa­wa kweSAA ngoR3.5 billion abakuthole kwiDBSA
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE I-DA ne-UASA abakuthoko­zeli ukutakulwa­wa kweSAA ngoR3.5 billion abakuthole kwiDBSA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa