Isolezwe

I-Downs neWydad banenhloso efanayo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NGEKE ube nduvanduva umdlalo wokusonga iqoqo leCAF Champions League phakathi kweMamelod­i Sundowns nezimbangi zayo ezinkulu ebholeni lase-Afrika, iWaydad Casablanca yaseMoroco kusasa ngo-3 ntambama, eLucas Moripe Stadium, e-Atterigdev­ille.

Ukubuya kweSundown­s nephuzu e-Angola seliyoshon­a kwiPetro de Luanda kwenze ezikaPitso Mosimane zamelwa wukuqinise­kisa ukuthi azehlulwa kulo mdlalo wakusasa. Uma iSundowns iphumelele ukugwema induku izolidla iqoqo okuyinto uMosimane abelokhu eyishumaye­la.

Njengoba iWaydad inqobile yona kowayo, isingalidl­a iqoqo uma inganqoba kwiSundown­s. Ngeke akuvume lokhu uMosimane kwazise amaqembu asevele awadlile amaqoqo awo abukeka eyinkinga. Iqembu elizodla iqoqo lizobhekan­a nabalale isibili kwawabo.

“Ngeke uphole lo mdlalo ngoba kuzobe kubhekene amaqembu azazi ukuthi ayizinkunz­i e-Afrika. Sifuna okufanayo ngokunqoba iqoqo. Awukho umdlalo wobungani phakathi kwethu, uzozibonel­a emdlalweni.

“Nendaba yokugwema ukudlala namaqembu anzima adle amaqoqo awo ikhona. Asikho isidingo sokucija abadlali ngoba lo mdlalo ufana nayo yonke emikhulu ehlale imqoka,” kusho uMosimane ophinde wanxenxa abalandeli ukuthi baphume ngobuningi babo.

Emaqenjini angase adle amaqoqo awo nafuna ukugwenywa wuMosimane, singabala kuwona iTP Mazembe, Al Ahly ne-ES Tunis kanti kwangase alale isibili kukhona iZamalek, Raja Casablanca ne-Etiole du Sahel.

Okungaba yinkinga lapha kuMosimane wukuthi nakuwona amaqembu asethubeni lokulala isibili, kubukeka kunzima futhi anamagama aziwayo ebholeni laseAfrika.

Akuzona zodwa izinongo lezi kepha iSundowns ihlale njalo inegqubu uma ibhekene neWaydad kwazise womabili la maqembu azibona eyizinkunz­i ebholeni lase-Afrika.

Kusekhona futhi kuMosimane ukuthi lo mdlalo ungabaqoph­isa umlando omusha emidlalwen­i yamaqoqo.

I-Sundowns igcine ngo-2000 ukudla iqoqo ngamaphuzu angu-12.

Kumanje iSundowns inamaphuzu angu-11 emidlalwen­i emihlanu.

Ukunqoba kuzokwenza ezikaMosim­ane ziziqophel­e umlando omusha okungaba yisinongo ngaphambi kokuqala kwemidlalo yokukhumul­ajezi yamaquarte­final.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMOSA Lebusa weMamelodi Sundowns ezama ukuthatha ibhola kuZouhair El Moutaraji weWydad emdlalweni weCAF Champions League eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoMeyi nyakenye
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMOSA Lebusa weMamelodi Sundowns ezama ukuthatha ibhola kuZouhair El Moutaraji weWydad emdlalweni weCAF Champions League eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoMeyi nyakenye
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa