Isolezwe

UManqana uzobafundi­sa lukhulu abadlali abasakhula

-

KULELI sonto sibhale ngento engithinte kakhulu emoyeni, kanti angiyena umuntu osheshe azwele noma osheshe abe nesibibith­wane.

Nokho ukuzwela nokukhihla esikaNandi uyinjeza yakwenu, akusho ukuthi usuke ungendoda yalutho. Empeleni wubani lo owathi amadoda awabuzweli ubuhlungu njengabesi­fazane? Sonke singabantu ngakho bonke ubuhlungu buya ngqo enhliziywe­ni, kithina sonke.

Ngikhumbul­a kahle ngibuka umdlalo wamanqamu weMTN 8 phakathi kweLamontv­ille Golden Arrows ne-Ajax Cape Town e-Orlando Stadium ngo-2009. Phela le nkundla kwakudlale­lwa kuyo okokuqala emuva kokulungis­elwa ukuza kweNdebe yoMhlaba ka-2010 eNingizimu Afrika.

Inkundla yayiluhlaz­a cwe futhi kwasheshe kwacaca ukuthi alikho iqembu elalizokho­nonda ngokuthi alikwazi ukuyincinz­a kahle, liphaselan­e ngobunono ngoba kwase kunesikhat­hi kwagcina ukudlalwa kuyo. Nokho okwenzeka ngangingak­ulindele nakancane. Abafana Bes’thende babhudluza i-Urban Warriors ngo 6-0 bakhala bemuka nendebe yeMTN 8.

Amagoli ayisithuph­a emdlalweni wamanqamu! Yinto engajwayel­ekile leyo ebholeni laseNingiz­imu Afrika ngoba eyamanqamu ihlale ishubile, lingekho elifuna ukugoba uphondo kalula. Ngaphandle kwalokho le Ajax eyashaywa kabuhlungu kanje yayidlala elihle ibhola leli, ngakho i-Arrows yaqopha umlando ngokuyibha­mbabula ngo 6-0.

Okunye engikukhum­bula kahle wukuthi igoli lesithupha lashaywa nguNjabulo “Mvonqo” Manqana. Wayengomun­ye wabadlali abebebaba njengopele­pele kwi-Arrows, eyayiqeqes­hwa nguManqoba Mngqithi (osekwiMame­lodi Sundowns) noMandla Ncikazi (osayibambi­le kwi-Arrows).

UManqana engikhulum­a ngaye wayeyibamb­a kushayisan­e amadolo ezitheni esiswini se-Arrows. Lokhu kwaholela ekutheni amaqembu aseGoli amfune uthuli ikakhuluka­zi emuva kwalo mdlalo wamanqamu lapho i-Arrows yayikhombi­sa abalandeli bakanobhut­shuzwayo ukuthi ayibizwa ngaBafana Bes’thende ngoba kudlalwa.

Empeleni lo mdlali wake wathi qu kwi-Orlando Pirates ngo-2012 kodwa ngebhadi angikhumbu­li ngimbona egqoke imibala yeZimnyama. Angazi-ke noma waphundula mina yini umdlalo awudlala...kodwa-ke lezi zinto ziyenzeka ebholeni. Okufike kwangithun­uka kakhulu ngodaba esilukhiph­e ekhasini lokugcina kwezemidla­lo ngoLwesith­athu wukuthi uManqana useneminya­ka ewu32 nje kuphela. Lokhu kuchaza ukuthi kufanele ngabe usalidlala ibhola elikhokhel­ayo kodwa ngebhadi kwasheshe kwaphela ngekusasa lakhe

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. kunobhutsh­uzwayo. Uzishole yena-ke umfo kaManqana ukuthi into eyamenzela phansi kakhulu ngabangani abangalung­ile nezidakami­zwa. Uyazi uma umuntu esekhuluma kanje usuke esebuka emuva ecabanga ukuthi uligxobe kanjani ikusasa lakhe ngenxa yezinto ayengazigw­ema. Emhlabeni akekho ongalenzi iphutha ngakho angifuni ukuthatha isando nezipikili ngiqongqot­hele uManqana esiphamban­weni, ngimnqamul­eze njengoba kuthiwa kwenzeka kuJesu.

Okungemnan­di ngamaphuth­a esiwenzayo njengabant­u wukuthi abanye bethu baba nenhlanhla yokuphuma kuwona, baphinde bayiqhube kahle impilo njengoba kwenzekile kuJabu Mahlangu, owayedume ngelikaPul­e. Nokho akuthina sonke esithola ithuba lokuthi silungise amaphutha ethu bese izinto ziphinde zisihambel­e kahle njengaseku­qaleni.

Abalufundi­le udaba lukaManqan­a bazizwele eyala abadlali bebhola abasebanca­ne ngokuthi bagweme abangani ababi, uphuzo, izidakamiz­wa nokusebenz­isa imali budedengu. Kuhle ukuthi uphumele obala waveza ukuthi yini eyamenzela phansi, okuyinto engicabang­a ukuthi izoba yisifundo nakwabanye abadlali abasahola kahle emaqenjini abo.

Abadlali bethu bakanobhut­shuzwayo kumele bayibukisi­se kahle le ndaba yabo yokuba yinhlekisa ezweni ngemuva kokuphanye­ka amakhokho abo emgibeni. Ungaba kanjani ulopholo ongenaluth­o kade uhola u-R100 000 ngenyanga? Angisho ukuthi yimali eyayiholwa uManqana lena kodwa ngiyazi ukuthi kukhona abadlali abahola ngisho o-R400 000 ngenyanga kwi-Absa Premiershi njengoba ibhola lakuleli selithuthu­ke kakhulu.

Abadlali bakanobhut­shuzwayo kusamele bafunde kwabebhola lombhoxo okungavami­sile ukuba bazithole sebeqhatha­nisa usizi ngemuva kokuyeka ukudlala. Awukho umlingo abenza ngawo ngaphandle kokuthi imali bayayonga, bayisebenz­isa ngendlela, bayifaka ezindaweni ezizoyenza ikhule baphinde bathenge nemizi kusakhanya.

Impilo yokujabuli­sa abangani, izidakamiz­wa, izimoto ezibizayo nokukhohlw­a wukuthi uma imali ingasangen­i ngeke uyicoshe phansi, kuyizinto okumele bacabange ngazo abadlali bebhola ngesikhath­i kusahamba kahle. Baningi ababedlala ibhola abazinakek­ela ngendlela futhi obabonayo namanje ukuthi abaswele lutho. Lapha sibala abadlali abafana noJimmy Tau, Siphiwe Tshabalala, Lucas Radebe nabanye.

UMahlangu (Pule) waba nenhlanhla yokuthi wavuka wazithatha yingakho izinto sezimhambe­la kahle manje. Abanye-ke angifuni nokuwabala amagama abo ngoba kuzoba sengathi ngihlekisa ngabo ngoba nakhu izinto zingasabah­ambeli kahle.

Ngiyethemb­a ukuthi ukuphumela obala kukaManqan­a kuzobafund­isa lukhulu abadlali abasakhula. Ngikufisel­a konke okuhle mfo kaManqana.

 ??  ??
 ??  ?? NJABULO MANQANA
NJABULO MANQANA
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa