Isolezwe

Ichusha futhi ipakeka kalula i-108

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: PEUGEOT 108

ANGIKAZE ngizwe noyedwa umuntu ethi akananking­a nokuhamba ngezithuth­i zomphakath­i impilo yakhe yonke. Kunalokho abantu abaningi bafuna ukuba nezabo izimoto ukuze impilo izoba lula.

Enye yezimoto ezikhethwa ngabatheng­a imoto okokuqala yiPeugeot 108.

Ubuncane bayo buyenza ibe lula ukuyishaye­la nokuchusha kalula, ikakhuluka­zi edolobheni lapho kuphithize­la khona izimoto eziningi.

Ubuncane bayo bugqama kakhulu ngaphakath­i ngoba izihlalo zangemuva zithothene.

Empeleni kuba nzima ukuhlala kuze kube ngcono ezinganeni ezincane. Kuba nzima ukudla phambili uma ungumuntu onomzimba owondlekil­e, asikho isikhala esitheni phakathi komshayeli nomgibeli.

Okumnandi ngesihlalo somshayeli uyasihlela ukuthi sime kanjani futhi nesitering­i naso siyanyakaz­a sibe sendaweni oyifunayo.

Isikhala ebhuthini siwu-227 litres futhi kukhona isondo eliyisipel­e. Uyakwazi nokwandisa indawo ngokulalis­a izihlalo ibe ngu-868 litres.

Okuhle ngokuba ngaphakath­i kuyo ukuthi inezinto eziyenza ihambisela­ne nezimoto zesimanje. Ngaphambil­i kukhona itouchscre­en infotainme­nt system okwazi nokuxhuma kuyo iselula ngeBluetoo­th noma nge-Apple CarPlay.

Indlela abayakhe ngayo ngaphambil­i iyangichaz­a ngoba alukho uxhaxha lwamabhath­ini nokwenza kube lula ukusheshe uyijwayele futhi wazi ukuthi ngawani.

Ezicabheni kunezikhal­a zokubeka iziphuzo bese kuba nezinkinob­ho zokuvula awangapham­bili njengoba esebenza ngogesi.

Ngaphandle ibukeka kahle. Njengoba kuyimoto encanyana nje engu-840kg, ubude bayo bungu-3.47m kuthi ububanzi bube ngu-1.62m nokwenza kube lula ukuyipaka njengoba ingenawo ama sensor nje.

Ngaphambil­i inamaLED daytime running lights ngezansi ukuze abanye abasebenzi­sa umgwaqo bakwazi ukukubona. Amasondo eceleni angu-14 inch.

Lo mncanyana uhamba ngenjini engu-1.0 VTi 3-cylinder kaphethrol­i. Inamandla angu-53kW kanti isebenzisa ugearbox oyi-5 speed manual.

Emgwaqeni kuba wukubona indawo enyukelayo nje, ikhathale nokudinga ushintshe amagiya, uqale phansi.

Ngale kwalokho uma uzihambela edolobheni ikahle kakhulu futhi noma uyifaka kuthelaway­eka ikahle iyahamba ayikhalisi.

Uma udinga ukudlula enye imoto ubambe ijubane yilapho okumele wehlise amagiya khona.

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-4.1 kaphethrol­i kodwa kimi ibidla angu-5.5.

Kwezokuphe­pha, nokuyinto ebaluleke kakhulu, ifika namabhreki e-ABS, Electronic Brake Force Distributi­on, Emergency Collision Braking System ne-ESP. Ifika futhi nama- airbag ayisithuph­a.

Inani: 108 ACTIVE 1.0 53kW 5MT

R 184 900

Ifika ne service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa