Isolezwe

I-Hatchback iyinyama endalini yamasekeni

- INTATHELI YEZEZIMOTO

UCWANINGO luveza ukuthi ama-hatchback yizona zimoto ezidayisa kakhulu njengamase­keni kuleli okudlula izintandok­azi ama-sports utility vehicle (SUV). I-Volkswagen Polo yiyona moto eyinyama kwabatheng­a amasekeni, ngokusho kwesikhulu sakwa-AutoTrader uGeorge Mienie.

“Yiyona hatchback edayisa kakhulu futhi abantu abafuna ukwazi ngayo kakhulu,” kusho uMienie.

Uthe le mininingwa­ne bayithole kwi-website yabo ngonyaka odlule. Uthe ukukhonya kwePolo kungathusa abantu abaningi.

“Akuyona imoto encane edayisa kakhulu eNingizimu Afrika. Leso sicoco ngesenye imoto yakwaVolks­wagen iPolo Vivo ebe yiyona moto edayisa kakhulu encane eNingizimu Afrika ngezimoto ezingu-29 619 ezidayiswe ngonyaka odlule.”

Uthe iPolo Vivo ibe ngeyesibil­i ngokuthand­wa nokudayisa futhi ingeyesith­athu ohlwini lwezimoto okubuzwa ngazo.

Enye imoto esendaweni yesithathu ngeyakwaVo­lkswagen iGolf.

“I-Golf isendaweni yesithathu ngokudayis­a nokubuzwa ngayo. Ukuthi izimoto ezintathu eziphambil­i ngezakwaVo­lkswagen kufakazela amandla nodumo lweVolkswa­gen.

I-Volkswagen ibe nonyaka omuhle njengoba imboni yayo yase-Uitenhage e-Eastern Cape iqophe umlando idayisa izimoto ezingu-161 954 idlula irekhodi elidala elingu-137 758 ezakhiqizw­a ngo-2011.

Nalu uhla lwezimoto ezidayise kakhulu ezingamase­keni:

Rank Most searched Most Sold 1 Volkswagen Polo Volkswagen Polo 2 Volkswagen Golf Volkswagen Polo Vivo 3 Volkswagen Polo Vivo Volkswagen Golf 4 BMW 1 Series Ford Fiesta 5 Kia Rio Hyundai i20 6 Ford Focus BMW 1 Series 7 Ford Fiesta Toyota Etios 8 Mercedes-Benz A-Class Ford Figo 9 Audi A3 Kia Picanto 10 Toyota Yaris Toyota Yaris

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa